Copyright, Voice Of God Recordings - SLIDEBLAST.COM

Nge-ngesiGreki laphobeshintsha isifihla-buso sabo, mhlawumbe oyedwa adlale-umdlali oyedwa wayengahle ukuba udlale ezingxenyeni eziningana ...
119KB Größe 2 Downloads 29 vistas
UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

1

UNkulunkulu Onamandla Wembulwe Phambi Kwethu ` NginemiBhalo embalwa ebhalwe phansi engizothanda ukukhuluma kini kuyo, futhi ngethemba ukuthi uNkulunkulu uzobusisa imizamo yethu ebuthakathaka. Manje, abantu abaningi umangele ukuthi yini sibe yinqaba kangaka futhi sibe nomsindo kangaka. Niyazi, lolu wuhlobo lohlobo olwehlukile lwe_lwengqungquthela kunalolo abantu a_abavamise ukulubona; futhi ngokwejwayelekile yonke into iwuhlobo lwesimo esiphelele. Kodwa uma siza kulezizingqungquthela (osekube yinhlanhla yami manje iminyaka eminingana selokhu zaqala ukuqalwa), cishe sisuke singazi ukuthi sizokwenzenjani, sivele nje size futhi sizinikele. Yileyonto kuphela esikwazi ukuyenza. Bese uNkulunkulu enza konke. Ngakho lokho kusenza abantu abaziphatha ngokungejwayelekile impela. Ngeliny’ilanga omunye wathi, “Uyazi, nina-bantu ngempela ni_niyinqaba.” Ngase ngithi, “Awu, nge_ngethemba ukuthi siyiyo.” Futhi ngiyayikhumbula enye yezingqungquthela. UMfowethu Troy wayengitshela ngesinye isikhathi ngeJalimane elincane elathi lemukela umBhaphathizo kaMoya oNgcwele. Futhi ngakusasa esitolo, lapho elalisebenza khona, laliphakamisa izandla zalo, futhi lidumise iNkosi, futhi likhulume ngezilimi, futhi nje liqhubeka okumangalisayo. Futhi ekugcineni, ubasi wafika wayesethi, “Heinie, yin’indaba kuwe na?” Lathi, “O, sengisindisiwe.” Lathi, “Inhliziyo yami nje iphuphuma injabulo.” Wathi, “Awu, ufanele ukuthi ubusezansi nalesosixheke samanadi ezansi lapho.” Lathi, “Yebo! Udumo kuNkulunkulu!” lathi, “Ayibongwe iNkosi ngamanadi.” Lathi_lathi, “Awuthathe imoto wehle ngomgwaqo.” Lathi, “Ukhiphe onke amanadi kuyo, awusenalutho kepha isixheke se ‘nto engasenamsebenzi’.” Futhi lokho nje_nje kuthi akube yiqiniso, uyazi. Ngeliny’ilanga eCalifornia, ngangehla ngemigwaqo kaLos Angeles, ngase ngibona indoda inesayini esifubeni sayo nalapha; futhi kwakuthi, “Ngiyisiwula sikaKristu.” Futhi wonke umuntu wayeyibuka, futhi ngabaqaphelisisa bephenduka bayibuke seyedlulile. Futhi ngacabanga ukuthi

2

IZWI ELIKHULUNYIWE

ngizobalandela bonke. Futhi e_emhlane wayo yathi, “Wena uyisiwula sikabani na?” Ngethemba ukuthi sonke siluhlobo oluyinqaba komunye, niyazi. Kodwa, niyazi, izwe lingena esiseleni esinje, kuze kuthi into ehlukile yenze kube yinqaba kakhulu, abantu aze acabange ukuthi ku_kukhona okungahambi kahle. Futhi ngokwejwayelekile uNkulunkulu wenza into engejwayelekile kakhulu ukuthola abantu babuyele eBhayibhelini futhi. Sengathi ngiyambona uNowa wayeluhlobo lwe_lwenadi kulowonyaka wesayense ayephila kuwo, ngoba babe_ ngafakazisa ukuthi kwakungekho-manzi ezibhakabhakeni. Kodwa uNkulunkulu wathi ayobakhona lapho, ngakho uNowa eshumayela futhi ekukholwa lokho, uphenduka inadi. Futhi sengathi ngiyambona uMose ngenkathi ehla engena eGibhithe, wayewuhlobo lwe_lwenadi kuFaro; kodwa khumbulani, uFaro wayeyinadi kuye futhi. Ngakho ba^Siyakuqonda lokho. Ngisho noJesu wayethathwa njengokholwa okuphambene nokukholwa okuyikho. Kunjalo. UMartin Luther wayeyinadi ebandleni eliKatolika, noJohn Wesley wayeyinadi kwiSheshi. Ngakho niyazi, sekuthi akube yisikhathi selinye inadi; anicabangi kanjalo na? Kodwa ngaphambi kokuba kubekhona inadi, niyazi, kuzofanele kube nebhawodi kuqala ukulikulufela kulo. Ngakho niyazi, uNowa eyinadi, u^Uthatha inadi, lidonsa ibhawodi_lidonsa okuthize likuhlanganise futhi libambe okuthize likuhlanganise. Ngakho uNowa wakwazi ukudonsa wonke lowo owayezokholwa amfake emkhunjini aphume ezahlulelweni ngokuba yinadi. Sithola ukuthi uMose wadonsa iBandla walikhipha eGibhithe ngokuba yinadi. Kunjalo. Ngicabanga ukuthi sidinga inadi manje ukudonsa uMlobokazi aphume ebandleni. Sidinga okuthile manje, elinye. Ngakho siluhlobo lwabantu abayinqaba ngempela. Futhi ngicabangile kulobubusuku, uma iNkosi ithandile, ngizozama ukufunda imiBhalo ethize eqondene nalokhu, futhi ngikhulume nani imizuzwana embalwa nje, futhi ngizame ukunikhombisa ukuthi yingani singabantu abayinqaba kanje. Asiphenyeni emiBhalweni manje kwabaseFiliphu isahluko 2, 1 nele 8, nabaseKorinte II 3:6; futhi asifunde, njengoba silikholwa, iZwi likaNkulunkulu. Futhi manje, ngaphambi nje kokuba sifunde, asikhothamise amakhanda ethu ukuba sikhuleke. Baba waseZulwini onomusa, impela singabantu abanenhlanhla kulobubusuku ukuba siphile kulonyaka, nokubona izinto esizibona zenzeka, nokwazi ukuthi isikhathi sesisondele eduze lapho uJesu ezofikela iBandla laKhe. O, lokho kuyazixhuxhumisa izinhliziyo zethu, Nkosi.

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

3

Futhi njengoba siphenqa amakhasi kulobubusuku, siyakhuleka ukuthi Uzosipha ingqikithi kuletekisi; futhi sengathi uMoya oNgcwele ungembula ezinhliziyweni zethu izinto ezingabazinhle futhi zithokozise kuNkulunkulu. Lokho sikucela eGameni likaJesu. Ameni. Niyazi, ngikholwa ukuthi ngizonicela ukuba nenze okuthize. Ngi_ngivamise ukucela izinto ezixakile, futhi ngethemba ukuthi angiceli-lutho oluxake kakhulu. Kodwa uma sethembisa ukuthobela ifulege, sonke siyama; ne_ nefulege ledlule, siyama_okufanele sikwenze; futhi simela ukuba sishaye isaluthe. Asime nje ngezinyawo zethu sisafunda iZwi, uma nithanda. KwabaseKorinte II 3:6: O^senzileyo sibe namandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esisha; singesiso esegama, kodwa esikamoya: ngokuba igama liyabulala, kodwa umoya uyaphilisa. Kepha uma_Kepha uma inkonzo yokufa, enamagama aqoshwa ematsheni, yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwaIsrayeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe; inkazimulo eyayingephelayo: Pho inkazimulo kamoya ayiyikuba nenkazimulo kakhulu kunayo na? Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibikhazimula, kakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu. Ngokuba nalokho okwakhazimuliswayo kwakungenankazimulo ngalokhu, uma kulinganiswa nenkazimulo lena edluleleyo. Ngokuba uma lokho obekuzakuphela kwabanenkazimulo, kanjani noma_ikakhulu okumiyo njalo kunenkazimulo. Ngakho-ke lokhu sinethemba elinjalo, sinesibindi sonke. Asenzi njengoMose, owamboza ubuso bakhe ngendwangu, ukuze abantwana bakwaIsrayeli bangabuki ukugcina kwalokho okwakuzakuphela: Kodwa ingqondo yabo yaba-lukhuni: ngokuba kuze kube-sosukwini lwanamuhla nxa kufundwa isivumelwano esidala; leyondwangu isahlezi ingambuliwe ngokuba iyapheliswa kuKristu. Yebo kuze kube-namuhla, nxa kufundwa uMose, indwangu isayimbozile inhliziyo yabo.

4

IZWI ELIKHULUNYIWE

Kepha nxa iphendulelwa eNkosini, indwangu iyakususwa. Qha^INkosi inguye uMoya: kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko. Kepha thina sonke, sibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni, ukuguqulwa sibe-njengalowomfanekiso sivame sande njalonjalo ukukazimula, njengalokhu kumi ngoMoya weNkosi. NakwabaseFiliphu 2, sifunda lokhu (siqale ngelo 1 futhi sifunde siye evesini 8): Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando,^kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa sesihawu, Gcwalisani ukuthokoza kwami, ukuba nibenomqondo munye, ninothando lunye, ni-nhliziyonye, futhi^niqonde into yinye. Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani. Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo nalowo abheke nokwabanye. Mawube-kini lomqondo, owawukhona nakuKristu Jesu: Owathi, enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu: Kodwa wazidela, ethatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso womuntu: Wathi efunyenwe enjengomuntu, wazithoba, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo ekufeni kwesiphambano. Asikhuleke. Baba waseZulwini, leliZwi elikhulu eselifundiwe kulobubusuku emBhalweni waKho ongcwele, Lenze libe yilo ngempela kuzo izinhliziyo zethu, ukuthi sizosuka lapha njengalabo ababesuka e Emawuse, bethi, “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini phakathi kwethu lapho Ekhuluma kithi endleleni,” lokhu sikucela eGameni likaJesu. Ameni. (Ningahlala phansi.) Manje, leli yitekisi eliyinqaba kabi, kodwa ngicabanga ukuthi lifanelana impela nomkhosi. Bengifuna ukukhuluma ngodaba oluthi, UNkulunkulu Onamandla Wembulwe Phambi Kwethu. Manje, selokhu kubekhona umuntu, bekukhona ukulamba enhliziyweni yomuntu ukuthola ukuthi wavelaphi, nokuthi siyini isizathu sakhe sokuba lapha, nokuthi uyaphi. Munye kuphela ongaphendula lokho; lowo yiLowo owamletha lapha. Futhi umuntu ubelokhu njalo efuna ukubona uNkulunkulu.

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

5

Emuva eTestamenteni eliDala sithola ukuthi uNkulunkulu Wazimboza kwabangakholwayo. UNkulunkulu unendlela eyinqaba kabi yokuphathelana nabantu. Uyazifihla kongakholwayo Azembule kokholwayo. UNkulunkulu wenza lokho. UJesu wambonga uBaba ukuthi Wayezifihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda futhi akwembulele izingane zona eziyofunda. Ngakho siyathola ukuthi uNkulunkulu akaguquki neze emvelweni yaKhe, futhi Uhlala njalo enza umsebenzi waKhe ngokufanayo. Siyathola kuMalaki 3, ukuthi Wathi, “NginguNkulunkulu aNgiguquki.” Ngakho Usebenza ngesimiso esifanayo ngaso sonke isikhathi. Manje, sithatha enye yeziNcwadi ezindala kunazo zonke zeBhayibheli. Ngenkathi uJobe, omunye wendoda elunge kakhulu kunawo onke osukwini lwakhe, indoda ephelele emithethweni kaNkulunkulu_inceku, edumile, inceku ehloniphekile_kwaze kwathi ngisho noNkulunkulu wathi, “Akekho onjengaye emhlabeni”^Kodwa isifiso sakhe ngesinye isikhathi, ukubona uNkulunkulu^Wazi ukuthi kwakukhona uNkulunkulu, futhi wazizwa ethanda ukuMbona, noma kungenjalo, aye endlini yaKhe angqongqoze emnyango, futhi athi, “Ngithanda ukukhuluma naWe,” ahlale phansi, axoxe naYe, njengoba nathi besingenza komunye nomunye. Sinokuqonda. Yingakho sikulezizingqungquthela, lapho esifike khona sihlangane ndawonye futhi_futhi siveze imicabango yethu; futhi_futhi siyaqondana omunye nomunye kangcono uma sixoxisana ngezinto nomunye nomunye. Nabefundisi bayakwenza lokho. Abantu abaphuma kuyo yonke indima yempilo bayakwenza, sixoxisane ngezinto. NoJobe^UNkulunkulu wayenguye ngempela ngempela kuye, wayefuna ukuthola ukuthi angeye yini ukuyongqongqoza emnyango waKhe futhi_futhi abe ne_ nengxoxiswano naYe. Kodwa siyathola ukuthi uNkulunkulu wakhuluma naye, kodwa Wayemboziwe. Wayembozwe esimweni sesivunguvungu. Futhi Watshela uJobe ukuba abophe izinkalo zakhe; Wayezokhuluma naye njengendoda. Futhi wehla esesivunguvungwini futhi_futhi wakhuluma noJobe. Futhi Waziwa kuJobe ngesivunguvungu, nokho akazange aMbone ngempela. Wayezwa nje umoya uvunguza futhi ujikajika ezihlahleni; nePhimbo laphuma esivunguvungwini, kodwa uNkulunkulu wayembozwe yisivunguvungu. Sithola ezansi eAfrika (eNingizimu Afrika) basebenzisa igama Umoya, okuchaza, “amandla angabonakali.” Futhi lamandla angabonakali esivunguvungwini ayenephimbo elizwakalayo. Lakhuluma kwezwakala kuJobe, nokho akazange asibone isimo saKhe; kodwa Wayemboziwe kuye ngesivunguvungu. Sithola omunye wabaprofethi abakhulu beBhayibheli, uMose, weTestamente eliDala, omunye

6

IZWI ELIKHULUNYIWE

wabakhethiwe bakaNkulunkulu, baqokwa, izinceku ezamiselwa ngaphambili, naye futhi wafisa ukuMbona. Wayekade esondele kakhulu kuYe futhi kade ebone izinto eziningi kakhulu zesandla saKhe esikhulu, esiyinkinga sihamba phambi kwakhe futhi senza izinto ezingenziwa nguNkulunkulu kuphela. Wafisa ukuMbona ngeliny’ilanga, futhi uNkulunkulu wamtshela, “Hamba ume phezu kwedwala.” Futhi esamile phezu kwedwala, uMose waMbona edlula. Wabona umhlane waKhe. Futhi wathi, “Kwakubukeka njengomuntu,” umhlane womuntu. Nokho akaMbonanga uNkulunkulu; kuphela wayebone iveli kaNkulunkulu. IBhayibheli lathi, “Akakho oke wabona uNkulunkulu nanini, kodwa yilowo Ozelwe nguBaba uMbonakalisile.” Ngakho uMose waMbona embozwe njengomuntu. Futhi sithola ukuthi uJehova weTestamente eliDala wayenguJesu nje weTestamente eliSha. Futhi_futhi uDr. Scofield lapha, sithola ukuthi igama lakhe ukuguquka kusuka esimweni, sithola igama en morphe ngesiGreki, okuchaza “okungabonwayo kwenziwa kwabonakala.” Into engeke^ Siyazi ukuthi kukhona. Kunga_kungebonwe, kepha nokho, siyazi ukuthi kukhona. Futhi ngenkathi Eguqula isimo saKhe sika en morphe, okuchaza ukuthi Waguquka esuka kokwaphezulu waya kokwemvelo^futhi nje Wavele waguqula isifihla-buso saKhe. Futhi ngokunye, kunjengomdlalo wasesiteji; Wayedlala. Nge_ngesiGreki lapho beshintsha isifihla-buso sabo, mhlawumbe oyedwa adlale_umdlali oyedwa wayengahle ukuba udlale ezingxenyeni eziningana ezehlukene. Futhi indodakazi yami (ekhona lapha)^Bake babanawo esikoleni esiphakeme, u_umdlalo wasesiteji. Futhi ba_umfana oyedwa, engangimazi, wadlala cishe izingxenye ezine, kodwa wayeya emva kwesiteji futhi ashintshe isifihla-buso sakhe_sakhe ukuze aphume alingise esinye isimilo. Manje, uma uzothatha iziprofetho zeTestamente eliDala ezimayelana nalokho uMesiya ayezoba yikho, ungakuqhathanisa nempilo kaJesu, futhi usukuthole ngempela ukuthi uJesu wayengubani. Wayengesuye nje umuntu ojwayelekile; WayenguNkulunkulu, u en morphe. Waguqulwa esuka_esuka kokwaphezulu wangena esimweni semvelo yomuntu; nokho WayenguNkulunkulu ebonakaliswe enyameni, embozwe ngomuntu, iveli yenyama. Futhi qaphela iTestamente eliDala. Ngi_ngi_ngiyazi ukuthi ngikhuluma kwizethameli ezixubene kulobubusuku ukusukela ezingxenyeni ezehlukene zezwe. Futhi silapha ukuba sithole: se_senzani na? Si_ siyini^Sifinyelela kuphi na? Kwenzekani na? Kusho ukuthini konke lokhu na?

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

7

Futhi manje, siyathola phakathi lapha ukuthi uma wena ndoda eyiJuda nabesifazane^norabi e_e_ethempelini, emihleni eyedlula, uma babeqaphele iBhayibheli, iziprofetho, esikhundleni samasiko, babeyomqonda ukuthi uJesu wayengubani. Babengasoze baMbize ngoBelzebule; babengasoze baMbethela. Kodwa konke kwakufanele kudlale; leyo yingxenye yomdlalo wasesiteji. Futhi babephuphuthekile kulendaba. Kunjengabaningi benu silisa nabesifazane lapha kulobubusuku, mhlawumbe enisebangeni lami lobudala noma nibadadlana. Niyakhumbula lapha eMelika iminyaka eyedlula phambi_amaShayina (mfowethu avele aqamba lapha, lokho kufika emqondweni wami ngenkathi ngikhuluma nalo), ukuthi ayevamise kanjani uku^Ayengakwazi ukukhuluma isiNgisi, futhi a_ayenelondolo. Futhi uye elondolo lalo ukuba wenzelwe ilondolo yakho. U_umwashi oyiShayina wayethatha isilengiso futhi asidabule ngendlela ethize. Wawuthatha ingxenye eyodwa yesilengiso; yena athathe enye ingxenye. Kodwa uma usubuya ukuzolanda izimpahla zakho, lezoziqephu ezimbili zephepha zazifanele zihlangane okwesisila sejuba. Futhi uma zazingahlangani okwesisila sejuba kube yizo impela nje (wawungeke usifanise noma ngayiphi indlela, ngoba lalinesiqephu esisodwa nawe unesinye) futhi uma sifanisekile^Khona-ke wawuba nelungelo lokubiza lokho okwakungokwakho. Bese-ke, usunakho okungokwakho uma wawunayo enye ingxenye yesivumelwano. Kunjalo nakulobubusuku uma sinayo enye ingxenye yesivumelwano. Ngenkathi uNkulunkulu edabula iNdodana yaKhe kabili eKhalvari, wakhuphula umzimba ukuba ube ngumhlatshelo, wase ethumela uMoya phansi kithi, owake waphila kumuntu, uJesu (yena lowoNkulunkulu usevelini kulobubusuku esimweni sikaMoya oNgcwele), lezoziqephu ezimbili sifanele zihlangane; khona-ke usuyingxenye yesivumelwano. UNkulunkulu wakwenza lokhu ukuba azeke kangcono kumuntu, ngenkathi Ezenza umuntu qobo lwaKhe. Ngangifunda indaba eminyakeni ethize eyedlula, futhi kulendaba kwathi enkulu, inkosi edumileyo^ Ngiyalikhohlwa igama layo njengamanje. Bengingacabangi ngokukhuluma ngendaba. Mhlampe kwakuyinganekwane, kodwa i_isiholela ephuzwini elisinika isendlalelo salokho esifuna ukukusho. Lenkosi, yayiyinkosi edumileyo ngempela futhi ingumthandi omkhulu wezikhonzi zayo, kwaze kwathi ngeliny’ilanga phambi komqaphi wayo_wayo nabomuzi wenkosi yathi, “Namhlanje ningibona okokugcina iminyaka eminingi.”

8

IZWI ELIKHULUNYIWE

Nomqaphi wayo nabadumileyo bayo bathi kuyo, “Nkosi enhle, ukusho ngani lokho na? Ngabe uzoya kwe_kwelinye izwe ndawo ndawo ukuba ube ngumfokazi na?” Yathi, “Qhabo, ngihlezi khona lapha. Yebo,” yathi, “Ngiyaphuma ngiya phakathi kwezikhonzi zami. Ngizoba ngumuntukazana. Ngizogenca izingodo nomgawuli wezingodo. Ngizolima umhlabathi nesisebenzi. Ngizothena imivini nalabo abathena imivini. Ngizoba ngomunye wabo ukuze ngikwazi kangcono lokho abakwenzayo. Futhi ngiyabathanda, futhi ngifuna ukubazi kakhulu siqu sami. Abazukungazi, kepha nokho, ngifuna ukwazana nabo ngaleyondlela.” Futhi ngokusa okulandelayo ngesikhathi izithunywa zayo^Bonke abantu bayo bayibona_noma labo owayesesigodlweni_yethula umqhele wayo yase iwubeka phansi phezu kwesihlalo (isihlalo sobukhosi), yase ikhumula ingubo yayo, yagqoka izingubo zomuntukazana, yaphuma yaya phakathi kwabantukazana. Manje, kuleyondatshana siyathola-ke ngoNkulunkulu. Bathi enkosini, bathi, “Nkosi, siyakufuna. Siyakuthanda. Si_sifuna uhlale uyinkosi.” Kodwa yayifuna ukuba ngomunye wabo ukuba ibazi kangcono, ukuze bayazi kangcono, ukuthi ngempela yayingubani. Kwakuzoveza obala kubo ukuthi ngempela yayingubani. Futhi yilokho okwenziwa nguNkulunkulu. Wa_ Waziguqula esuka ekubeni nguJehova uNkulunkulu ukuba abe ngomunye wethu, ukuze Ahlupheke, Akwazi ukuzwa ukufa, Akwazi ukuthi udosi lokufa lwaluyini, futhi athathe inhlawulo yokufa ibe phezu kwaKhe. Wabeka eceleni umqhele waKhe_ waKhe nengubo yaKhe futhi waba ngomunye wethu. Wageza izinyawo kanye na_kanye na_abathobileyo. Wahlala emathendeni nabampofu. Walala e_emahlathini nasemigwaqeni nalabo ababengenamalungelo. Uba ngomunye wethu ukuze Asiqonde kangcono, nokuthi nathi siMqonde kangcono. Manje, ngicabanga ukuthi kulokho, sithola ukuthi ekuziguquleni kwaKhe, lokho Akwenzayo, uma uzoqaphelisisa, Wafika ngegama lamadodana amathathu. Wafika ngeGama leNdodana yomuntu, nangeNdodana kaNkulunkulu, ngeNdodana kaDavide. Wafika njengeNdodana yomuntu^ Manje, kuHezekeli 2:3, uJehova, qobo lwaKhe, wabiza uHezekeli umprofethi, ngendodana yomuntu. Ndodana yomuntu kuchaza “umprofethi.” Wayefanele afike ngaleyondlela ukugcwalisa uDutoronomi 18:15, athi uMose, “INkosi uNkulunkulu wena iyakunivusela

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

9

phakathi kwenu umProfethi onjengami.” Akazange Azibize ngeNdodana kaNkulunkulu. Wazikhomba Yena, ngeNdodana yomuntu, ngoba Wayefanele afike ngokomBhalo. Niyabo? Wayefanele enze lezoziqephu ezimbili zephepha elidatshuliwe, isiprofetho seTestamente eliDala nesimilo saKhe uqobo, ukuba kufane nse. Ngakho Ufika eyiNdodana yomuntu, ufika ngalesosimo. Siyathola-ke, emva kokufa kwaKhe, ukumbelwa, nokuvuka. Wafika ngosuku lwePentekoste njengeNdodana kaNkulunkulu_Nkulunkulu, uMoya, esimweni sikaMoya oNgcwele. Wayenzani na? Wayeziguqula, Ezazisa kubantu baKhe ngesimo esehlukile. NjengoMoya oNgcwele, onguNkulunkulu, Wafika ukuphathelana neminyaka yebandla njengeNdodana kaNkulunkulu, uMoya oNgcwele. Kodwa esikhathini seminyaka eyiNkulungwane Ufika njengeNdodana kaDavide ukuhlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide_iNkosi. Wayezothatha isihlalo sobukhosi sikaDavide; UsesiHlalweni sobukhosi sikaYise manje. Bese-ke, Wathi, “Onqobayo uyohlala naMi esiHlalweni saMi sobukhosi, njengokuba naMi nginqobile ngahlala esiHlalweni sobukhosi sikaBaba waMi.” Ngakho U_esikhathini seminyaka eyiNkulungwane Uyoba yiNdodana kaDavide. Kuyini na? UNkulunkulu ofanayo ngasosonke isikhathi nje eguqula isifihla-buso saKhe_saKhe. Ngiwuye kumkami, umkhwenyana. Nike namqaphela owesifazane waseSirofenike wathi, “Ndodana kaDavide, ngihawukele!” U^Akuzange kuMkhathaze nakancane. Wayengenawo amalungelo okuMbiza kanjalo; wayengenakho ukuMbiza njengeNdodana kaDavide. Waye_UyiNdodana kaDavide kumJuda. Futhi manje, Ufika^Kodwa ngenkathi eseMbiza ngeNkosi (WayeyiNkosi yakhe), khona-ke wakuthola akucelayo. Manje, njenge^Wayeziguqula nje. Manje, ekhaya lami ngingabantu abathathu abehlukene. Ekhaya lami umkami unokungibiza ngomkhwenyana. Indodakazi yami laphaya, ayinakho ukungibiza ngomkhwenyana; nginguyise. Nendodana yami encane engumzukulu lapho, ngingumkhulu kuye; ngakho akanalungelo lokungibiza ngobaba. Angisuye uyise; indodana yami nguyise. Ngingumkhulu wakhe, kodwa ngiseyilokhu ngingumuntu ofanayo. Futhi uNkulunkulu, Akwenzayo, Uyaziguqula nje ukuba abe kulesosizukulwane, ukuZazisa kulabobantu. Futhi yingakho silapha ukuzothola kulobubusuku: Ndlelani uNkulunkulu afanele ukuZazisa ngayo kulababantu nangalesisikhathi na? Uguqula isifihla-buso saKhe; Uguqula ukwenza kwaKhe, kodwa Akasiguquli isimilo saKhe. Akayiguquli imvelo yaKhe_yaKhe; Uguqula nje isifihla-buso

10

IZWI ELIKHULUNYIWE

saKhe ukusuka kwesinye kuya kwesinye. Uyakwenza ukuZembula ngokusobala kakhulu kubantu, ukuze bazi ukuthi Ungubani nokuthi Uyini. KumaHeberu 1 siyafunda: “UNkulunkulu, esekhulumile emandulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi, kepha kulolu izinsuku zokugcina, ngeNdodana yaKhe, uJesu.” Manje, abaprofethi, uJesu wathi (ngenkathi Eselapha emhlabeni), babengonkulunkulu. “Nibabiza ngonkulunkulu labo iZwi likaNkulunkulu elafika kubo, nemiBhalo ingeqiwe,” Washo. Wathi, “NingaMlahla kanjani pho, nxa EyiNdodana kaNkulunkulu na?” Niyabo? IZwi likaNkulunkulu labelwe unyaka ngamunye_ukuthi Lizobanjani; noJesu wayengukugcwaliseka kwazo zonke iziprofetho. “KuYe kwahlala ukugcwala kobuNkulunkulu ngokomzimba.” BabukuYe. WayenguYe owayekuJosefa. WayenguYe owayekuElija. WayenguYe owayekuMose. WayenguYe owayekuDavide, inkosi elahliweyo. Abantu bakhe uqobo babemlahlile njengenkosi. Futhi lapho ephuma e_emagcekeni, umfo othe ukukhathazeka kancane, egaqagaqazela, engawuthandi uhulumeni wakhe_wakhe, inqubo yakhe; futhi wamphimisela. Nomlindi wahosha inkemba yakhe, wathi, “Ngizoliyeka lelokhanda lenja likuyo, ephimisela inkosi yami na?” NoDavide, mhlawumbe engaqondi ukuthi wayenzani ngesikhathi, kodwa wayegcotshiwe, futhi wathi, “Myekeni. UNkulunkulu umtshele ukuba enze lokhu.” Futhi wakhuphukela egqumeni futhi wakhala phezu kweJerusalema, inkosi elahliweyo. Nike naqaphela, iminyaka engamakhulu ambalwa kusukela lapho, iNdodana kaDavide, iphinyiselwa emigwaqeni, futhi yayisegqumeni (intaba efanayo) ibuka phansi phezu kweJerusalema, iNkosi elahliweyo, futhi yakhala, “Jerusalema, beNgithanda kangaki ukukufukamela njengesikhukhukazi senza emazinyaneni aso, kepha anivumanga na?” Akazange ayiguqule imvelo yaKhe, ngoba amaHeberu 13:8 athi, “Unguye izolo, namuhla, naphakade.” UNkulunkulu wabayinyama ukuze afe ukuba asihlenge esonweni. Yingakho Aziguqula ukuba abe ngu_ngumuntu. Siyabona kuJohane oNgc. 12:20, amaGreki ayezwile ngaYe. Manje, akukho-muntu ongake ezwe ngaYe, ngaphandle uma inhliziyo yabo ivuthela ukuMbona. NjengoJobe nabaprofethi basendulo, bonke babefuna ukuMbona. Ngakho lomGreki weza ukuzoMbona. Beza kuFiliphu, owayengowaseBetsayida, base bethi, “Nkosi, sithanda ukubona uJesu.” AmaGreki ayefuna ukuMbona; kodwa awakwazanga ukuMbona, ngoba Wayesethempelini lesintu saKhe. UNKulunkulu wayekuKristu Ebuyisana nezwe.

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

11

Manje, siyathola ukuthi kulokhu, lamaGreki ayengenakuMbona. Futhi qaphelani wona impela amazwi uJesu awezwakalisa kubo kamuva; Wathi, “Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa.” Ngamany’amazwi, babengasoze bakwazi ukuMbona ekuguqulweni, esifihla-busweni Ayekuso ngalesosikhathi, ngoba Wayembozwe enyameni yomuntu. Kodwa ngenkathi leNhlamvu kaKolweni iwela emhlabathini, khona-ke Yayizothela zonke izinhlanga. Wayethunyelwe kumaJuda, kusobala, ngalesosikhathi, kodwa leNhlamvu kaKolweni ifanele iwe. UNkulunkulu ozembozile enyameni yomuntu, ezifihlile kwabangakholwayo, kodwa embuliwe kwabakholwayo. KuJohane 1: Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. ULizwi waba-yinyama, wakha phakathi kwethu, (saMbona^ozelwe yedwa kuYise,) egcwele umusa^ Manje, ekuqaleni wayeyiZwi. Izwi ngumcabango ozwakalisiwe. Ekuqaleni Wayengesuye ngisho uNkulunkulu. Manje, igama lethu lesiNgisi namhlanje, nkulunkulu, lichaza “into ekhonzwayo.” Kudida kakhulu engqondweni. Ungamenza othize abe ngunkulunkulu. Ungenza noma yini unkulunkulu. Kodwa eTestamenteni eliDala, kuGenesisi 1, Ekuqaleni uNkulunkulu^igama liyasetshenziswa, Elohim. Elohim uchaza “Okhona ngokwamandla akhe.” Ngumehluko omkhulu igama Elohim egameni lethu nkulunkulu. Elohim uchaza “Okhona ngokwamandla akhe.” Singeke sabakhona ngokwamandla ethu. Singeke saba ngusomandla, onamandla onke, osezindaweni zonke, owazi konke. LowoElohim uzwakalisa konke okwalokho. Singeke saba yilokho. Isihlahla owenza ngaso unkulunkulu, noma i_noma indlu, akukhona ngokwamandla akho. Ngakho uNkulunkulu, ekuqaleni, wayengukuPhila, OngoPhakade. KuYe kwakukhona izingxenye, nalezozingxenye zaba ngamazwi, neZwi laba yinyama. UJesu wayenguMhlengi. Futhi ukuhlenga kuchaza “ukubuyisa.” Futhi ukukubuyisa, kwakufanele kubenendawo ethize okubuyiselwa kuyo. Ngakho, niyabo, bonke abantu abasoze bakwazi ukukubona, ngoba bonke abantu wayengekho ekuqaleni emicabangweni kaNkulunkulu. Niyabo? Bukani abapristi! Ngenkathi beMbonile eZiveza neZwi ngqo, Ayeyikho, bathi, “NguBelzabule.” Lokho kwakhombisa ukuthi imvelo yabo yayikuphi; yayisemcabangweni wesimanje wosuku. Kodwa lapho isifebe esincane, Ahlangana naso esangweni, futhi wasitshela_eveza isibonakaliso saKhe sikaMesiya ngokusitshela esasikwenzile, ngani sathi, “Nkosi,

12

IZWI ELIKHULUNYIWE

ngiyabona ukuthi ungumprofethi Wena. Siyamazi uMesiya; nxa efika Yena, Uyakusitshela zonke lezizinto.” SasiMqonda njengoMesiya, OGcotshiweyo, ngoba Wahlangabezana nezimfanelo zomBhalo. Aniboni na? Iziqephu ezimbili zephepha zazihlangana ndawonye. “Siyazi ukuthi nxa uMesiya efika^” Manje, uNkulunkulu ngahle ukuba wadingeka azalanise lokhu nalokho ukuthola lokhu ukuncencetha kwensimbi, njengombumbi, kodwa ngenkathi uJesu ephenduka wathi, “NginguYe okhuluma nawe,” kwakungekho sisho esinjengokuthi, “uBelzebule.” Washiya imbiza yakhe yamanzi, wagijimela emzini, wase ethi, “Wozani, nibone uMuntu, ongitshele izinto engizenzileyo. Kungebe nguye yini yena LoMesiya na?” Niyabo? Manje, kwenzani lokhu, kokubeka umBhalo omdala nolwazi u_uJesu ayemnika lona, kwenzani na? Kwenza uMesiya. Futhi nike naqaphela na? Masinya, izono zakhe zathethelelwa, ngoba ekuqaleni wahlengeka; ngoba wayesekucabangeni kukaNkulunkulu ekuqaleni. Ngakho kwamhlenga, noma kwambuyisa, lapho ebone umBhalo ozwakaliswe wabonakaliswa kaJehova: lokho Ayeyikho; lokho Ayikho. Manje, ngenkathi uJesu efika, ukuba Wayefike nomlayezo kaNowa, wawungeke usebenze: ukwakha umkhumbi nokuntanta uphume. Wawungeke usebenze. Kodwa ukuthi_uNowa wayeyingxenye kaNkulunkulu. Waziphatha ngendlela engejwayelekile, ngoba wayengejwayelekile. Nomlayezo wakhe wawungejwayelekile, ngoba kwakuyiZwi libonakaliswa. Wayengeke afike nomlayezo kaMose, ngoba wa_wawungeke usebenze. UMose wayenguNkulunkulu engxenyeni ebonakalisiweyo; wayeyiZwi elizwakalisiwe lalelohora. Kodwa uJesu wayengenakungena kulokho. IBhayibheli alizange lithi Wayezofika ngaleyondlela. Kodwa lapho Efika wezwakalisa khona impela njenge_iTestamente elalithe Wayezozwakalisa, khona-ke bonke labo owayenokuhlengeka bakukholwa; ngoba babeyimicabango kaNkulunkulu. Izingxenye zaKhe ekuqaleni kwaba yinyama futhi kunokuhlengeka, futhi kwabuyiselwa kuNkulunkulu. “Bonke abaMamukelayo, Wabapha amandla babe ngabantwana bakaNkulunkulu,” ngoba babenokuhlengeka. Babesukela ekuqaleni besekuzwakalisweni. Ukuba besingama lapha umzuzwana (uma bekungenzeka) futhi sicabange ngalokho kulobubusuku, ngomlayezo wehora, imicabango ezwakalisiwe kaJehova^Ngaphambi kokusekelwa kwezwe, siyatshelwa ukuthi amagama ethu alotshwa eNcwadini yokuPhila yeWundlu. Khona-ke singawabona amacala amabili, njengoba kuqala ngishilo,

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

13

kungani omunye eyinqaba komunye. Kufanele kube ngaleyondlela. Kwakuhlala njalo; bekuhlala njalo kungaleyondlela, futhi kuyohlala njalo kungaleyondlela. WayeyiZwi, neZwi lenziwa inyama lakha phakathi kwethu. Manje, uNkulunkulu e_emuva ngezinsuku zeTestamente eliDala sithola ukuthi emva kokuba Esebonakale kubantu baKhe ngezimo ezehlukene, Wazemboza emva kwezikhumba ezindala zamatahasi_uNkulunkulu, efihlakele emva kwezikhumba zamatahasi esihlalweni saKhe somusa. Sithola ukuthi (ukuthi wakwenza kanjani uSolomoni, ngenkathi enikela ithempeli leNkosi, nalezizikhumba zamatahasi sasilenga lapho, iveli)_ukuthi Wangena kanjani njengeNsika yoMlilo nanjengeFu, futhi wehlela emuva kwalapho, futhi Wazemboza ezweni elingaphandle. Kodwa ngokukholwa uIsrayeli wayazi ukuthi Wayekhona emuva lapho. Babazi ukuthi Wayelapho, kungakhathaleki ukuthi noma yiliphi emazweni abahedeni lalizothini. Wafihlwa kongakholwayo, kodwa ikholwa, ngokukholwa, lalazi ukuthi Wayesemuva lapho; babenomusa. Futhi Wayesesihlalweni saKhe somusa, okwakuyimfihlo enkulu. Niyazi, eTestamenteni eliDala ukungena emva kwalesosikhumba kwakungukufa. Manje, ukuhlala emva kwaso kungukufa. Ngaleyonkathi, ukungena enkazimulweni yaKhe kwakungukufa; manje, ukuqhela eNkazimulweni yaKhe kungukufa. Lokho kwenzeka, kusobala, ekudabukeni kweveli eKhalvari, ngenkathi iveli idabuka, iveli endala. Manje, ukuhlala ngaphandle kobukhona baKhe kungukufa. Ngaleyonkathi, ukungena ebukhoneni baKhe kwakungukufa. Niyabo? Kuguquka emuva naphambili, futhi ufanele uthole umBhalo ukubona ukuthi suku luni esiphila kulo. Manje, ngenkathi iveli idabuka eKhalvari, isiHlalo soMusa sahlala obala, kodwa kwenzekani na? Sasilenga eKhalvari, sivuza iGazi. Njengoba babekade bethatha igazi unyaka nonyaka ekuhlanzweni kwendawo engcwele nokufafazwa kwesihlalo somusa. Lapho, uNkulunkulu, nokwaKhe okukhulu, ukushaya okunamandla kwamandla ombani, kwahlukanisa iveli elidala letahasi kusukela phezulu kuya phansi, nesiHlalo soMusa sahlala obala. IWundlu likaNkulunkulu langoqobo ngempela lalilenga obala eKhalvari, isiHlalo soMusa sangempela, lapho uNkulunkulu eselikhokhile inani qobo lwaKhe futhi waba ngomunye wethu, futhi wayekade Ezibonakalisile enjengomuntu ukuba azane nathi nathi ukuba sazane naYe. IsiHlalo soMusa sasihlezi obala sawo wonke uIsrayeli wangalolosuku lokuBuyisana. Kodwa maye, amasiko awobaba bebandla ngalolosuku base, ngamasiko abo, bemboze isiHlalo soMusa seqiniso kubantu. Ukuba babewazile umBhalo, isiqephu ngasinye sasiyofika njengesilengiso seShayina.

14

IZWI ELIKHULUNYIWE

Isiprofetho seTestamente eliDala sasiyogcwaliseka, futhi sagcwaliseka. Futhi ukuba babefundiswe umBhalo, babeyosibona isiHlalo soMusa. Njengoba uMose asho lapha ukuthi^Kuze kube-namuhla bamboziwe. Liselokhu liphezu kwezinhliziyo zabo; abakuboni. Kodwa WayenguNkulunkulu, ukuhlupheka nokuBuyisana. WayeyisiHlalo soMusa sangokoqobo emi ebonakala ngokugcwele. Njengoba salicula ihubo: Bhekani! Mbhekeni esobala, Nanguya, umnqobi onamandla, Selokhu Adabula iveli laba kabili. Niyabo, Wafika isiHlalo soMusa, elenga ebonakala ngokucacile enhlanganweni. Kodwa bona bengaphansi kombono othandwa ngabantu^Manje, silisa nesifazane, nezithunywa zalengqungquthela, ngifuna ukusho lokhu, ngaphandle kokunaka umuntu. Kodwa ekuboneni kwanamhlanje, ekuboneni kwalokho esikukhonela lapha namhlanje, nginovalo ukuthi amasiko obaba, obaba bebandla, likufihlile lokhu kubantu abaningi kakhulu. Selokhu uMoya oNgcwele efikile kulezizinsuku zokugcina njengoba kwaprofethwa, neveli idatshuliwe, abantu abaningi kakhulu bazama ukulenga emasikweni abo awobaba; futhi yingakho bengenakuyibona lenjabulo enkulu kakhulu, nokuthula, nezinto ibandla elinazo namhlanje. Nokho kuhlezi obala kulabo abakholwayo. Wafihla iZwi, iZwi elethenjisiwe lalolusuku. Manje, amasiko lenze iveli. Bathi izinsuku zezimangaliso selwedlule. Indoda yakhuluma kimi, omuhle, umnumzane ohloniphekile ophucuzekile eTucson, eArizona, lapho engihlala khona. Ngangikade nginomhlangano eRamada; futhi sasikade sikhuluma eNgqungqutheleni yoSomaBhizinisi, lapho iNkosi uJesu yayifike yabakhona futhi yenza izinto ezinkulu. Nalomnumzane ohloniphekile ongumKristu weza kimi wayesethi (umfundisi webandla, indoda enhle), futhi wathi, “Mfowethu Branham, uzama ukutikitela kubantu unyaka wobuphostoli,” wathi, “futhi lapho unyaka wobuphostoli usuphelile.” Ngase ngithi, “Ngiyakunxusa, Mfowethu, ngikhombise ukuthi kunini lapho unyaka wobuphostoli uphele khona emBhalweni.” Ngathi, “Unyaka wobuphostoli waqala ngosuku lwePentekoste, futhi kube^UPetru wathi ngosuku lwePhentekoste, ‘Isethembiso ngesenu, nesabantwana benu, nakubo abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.’ Wanqamuka nini na? Uma uNkulunkulu esalokhu ebiza, ngakho unyaka wobuphostoli usalokhu ukuso isikhathi.”

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

15

Futhi ngakho, kulapho abantu bezama khona ukubopha amehlo abantu abaningi kangaka, ngamasiko abo amalunga, njengoba kwakunjalo ngaleyonkathi. Futhi niyehluleka ukubona ukuthi kungani abantu bethokoza kangaka, futhi benomdlandla kangaka. Na_nalezizingqungquthela ziyinqaba kabi, into engejwayelekile kabi kwabanye abantu, yingoba bayabona. Bayigqobhoza leyomigoqo; bawagqobhoza lawomaveli bangena ebukhoneni bukaNkulunkulu lapho bebona khona isethembiso esibonakalisiweyo salelihora sibonakaliswa phambi kwabantu. Bayakubona okwethenjiswa nguNkulunkulu. KuJoweli 2:28, Wethembisa ukuthi ngalezizinsuku zokugcina kuyobakhona imvula yamuva ethululelwa phezu kwabantu ngezinsuku zokugcina. Ngicabanga ukuthi igama lesiGreki lapho ngu kenos, okuchaza ukuthi “Wazithulula Yena uqobo,” hhayi ngendlela ebesingasho ngayo, njengento ebingathi ibingaphakathi kumuntu othize wayithulula, kodwa Wazithulula Yena uqobo. Waguqula eyaKhe i_en morphe. Wa_Waguquka esuka kulokho Ayeyikho waya kulokho Ayikho. Akayiguquli neze imvelo yaKhe. Kodwa ngosuku lwePentekoste Waziguqula Yena uqobo esuka ekubeni yiNdodana yomuntu waya ekubeni yiNdodana kaNkulunkulu. Wafika, hhayi nabantu, Wafika wangena kubantu (niyabona na?), uNkulunkulu ofanayo ukuqhuba inkonzo yaKhe ize izofika kulonyaka omkhulu. Waprofetha eBhayibhelini ukuthi kuyobakhona usuku olungayikuba yimini noma ubusuku, kodwa ngesikhathi sokuhlwa kufanele kube ngukukhanya. Manje, ilanga, ngokomumo womhlaba, liphuma empumalanga lishone entshonalanga. Yilanga elifanayo ngasosonke isikhathi. Manje, ngenkathi iNdodana (N-D-O-D-A-N-A) iZembula ekubonakalisweni kweZwi elethinjiswayo kuIsrayeli, abantu baseMpumalanga^Sibenosuku oluyisigayegaye. Sibenokukhanya okwenele kubaguquli njalonjalo ukwenza amabandla namahlelo, futhi siwajoyine; futhi singene sange izingane; futhi sishadise abadala; futhi singcwabe abafileyo, njalonjalo; futhi sihlale ebandleni. Kodwa ngesikhathi sokuhlwa, “Kuyakuba ngukukhanya,” Wathi, “ngesikhathi sokuhlwa.” Futhi akukho-mBhalo ongephulwa. Futhi iN-D-OD-A-N-A efanayo eyaZithulula, kenos, ngosuku lwePentekoste, yethembisa ukwenza into efanayo ngesikhathi sokuhlwa. Niyabona na? Kuhambisana nesethembiso. Hlanganisa isilengiso ndawonye. Buka ukuthi kwenzekani, futhi buka ukuthi Wethembisani, khona-ke uyabona ukuthi sikuphi. Hlanganisa into ndawonye. Ungakubona ukwembuleka kwaLona omkhulu nongumninimandla. Amasiko liphuphuthekise abantu futhi kulezizinto ezinkulu okuprofethiwe.

16

IZWI ELIKHULUNYIWE

UMose, ngenkathi ephuma evela entabeni, eyayisemlilweni ^Omuhle kabi umfanekiso. UMose wayekade ehlele eGibhithe futhi watshela obaba bebandla ukuthi iNkosi uNkulunkulu yayikade imvakashele ngeGama likaNGIKHONA. LeloGama liyinkathi yamanje, hhayi Ngangikhona, ngiyobakhona, kodwa NGIKHONA, uhlala efana, onguye izolo, namuhla, naphakade. Uyinkathi yamanje. U^Lokho kuqhathaniseka namaHeberu 13:8: “UJesu Kristu, onguye izolo, namuhla, naphakade.” Kuselokhu kuyilo iZwi elaprofethwayo, nenhlangano eyayizohlangana okwesisila sejuba naleloZwi, ulwazi lwalolusuku^ “Abaguquli babanalo.” O, kodwa lolu ngolunye usuku. Niyabona ukuthi sukuluni esiphila kulo! Njengoba nje Wayengenakufika ngezinsuku Afika ngazo emhlabeni, nge_ngendlela uMose afika ngayo noma yimuphi wabaprofethi afika ngayo; akuprofethwanga. Futhi ngalolu izinsuku zokugcina, kuprofethwe ukuba kufike ngalendlela. Kungeke kwafika ngesimo semvuselelo kaLuther; kungeke kwafika ngesimo semvuselelo kaWesley; kuyihora lokubuyisela. Kuyisikhathi sokuthi kufanele kubuyele emuva emsebeni wokuqala welanga, okokuqala. O, besingayibeka impela imiBhalo kulokho! Futhi nina bosiyazi bezenkolo (nivela kuyiphi ingxenye yezwe), niyazi ukuthi lelo yiqiniso. Yisethembiso. Yilokho okwenza abantu babeyinqaba kangaka. Yilokho okwenza abayinqaba enibabiza kanjalo; yingoba ba^Kuyi^Iveli selivuliwe emasikweni, futhi bayakubona. Unguye izolo, namuhla, naphakade. Yi_yisethembiso sikaNkulunkulu, futhi singeke saphambana nalokho, ngoba imiBhalo ingephulwe. Yebo, sithola ukuthi Wethembisa ukuthi Uyozithululela Yena uqobo kubantu baKhe, futhi Unguye izolo, namuhla, naphakade. UMose, emva kokuba kade ehlele eGibhithe futhi wamemezela lokhu, khona-ke uBaba wawuqinisekisa umlayezo wakhe ngokufika eNtabeni iSinayi ngeNsika yoMlilo efanayo futhi yavuthisa intaba. Sike samqaphelisisa Amnika isethembiso na? Wamveza eneZwi. Wayenemiyalo, futhi ukuba abe nalomyalo, wafanele a^ Imiyalo kwakuyiZwi; iZwi lalingakaze lifike kubantu nokho. Ngakho iZwi njalo liza kumprofethi, futhi wayengumprofethi walelohora. NjengoJesu wayeyiZwi. UJohane wayengumprofethi, noJesu weza kuye emanzini, ngoba iZwi njalo liza kumprofethi ngaphandle kokwehluleka. IZwi liza ku^Ngakho uMose, iZwi leza kuye, imiyalo, futhi wayenayo.

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

17

Manje, ngani, ngaphambi kokuba iZwi likhishwe futhi libonakaliswe, uMose wafanele amboze ubuso bakhe, ngoba iZwi lalingakabonakaliswa ngokupheleleyo. Bazi ukuthi kukhona okwakwenzekile, kodwa abazanga ukuthi kwakuyini (ukubhodla nokuduma), baze bathi, “Makukhulume uMose kungabi uNkulunkulu.” NoNkulunkulu wathi, “Kuhle, Ngizokwenza lokho. Kusukela manje kuqhubeke Angisophinde ngibonakale kanje. Ngiyobathumela umprofethi. Ngakho uzo^Ngiyokhuluma ngomprofethi waMi.” Manje, uma uMose nomthetho wemvelo (njengoba uPawulu kwabaseKorinte II lapha esembulele) wafanele amboze ubuso bakhe ngokwemvelo, kuyoba nenkazimulo kangakanani-ke okoMoya futhi kumboziwe kongakholwayo ngaphambi kokuba kubonakaliswe kubo! Bayobiza kangakanani^! UMose wayeyinqaba. Bayonibiza kangakanani-ke nina, ogqobhoze iveli, wangena eNsikeni yoMlilo, futhi uphuma nezibusiso! Futhi manje nimboziwe! Abantu abakwazi ukukubona. Abakwazi ukukuqonda. Uma okwemvelo kunenkazimulo, kuyoba ngakanani-ke okwaphezulu na! Uma okwemvelo, okwakunokuphela kukho, kwakuzoba nenkazimulo, kuyobanenkazimulo kangakanani-ke lokhu okungenakuphela kukho! Kodwa kusalokhu kumboziwe. Akumboziwe kokholwayo, kodwa kongakholwayo; angeke akwazi ukukubona. UNkulunkulu njalo Uyazemboza kongakholwayo. Amasiko ayakufihla. Njengoba benza ngaleyonkathi, bayakwenza namhlanje. Lelo kwakuyiveli lomoya esinalo manje, lapho iveli lemvelo lalikhona. Kwaqinisekiswa ngumprofethi neZwi elilotshiwe, oprofethayo, lowo oza neZwi elilotshiwe ukuLicacisa, babazi ukuthi iZwi lalikhona, kodwa babengazi ukuthi Lalichaza ukuthini; noMose waLicacisa. Wathi, “Umyalo usho lokhu, futhi yingakho lokhu.” WaLicacisa. Futhi ngaphambi kokuba Licaciswe, Lalemboziwe. Futhi kunjalo nanamhlanje, limboziwe kubantu Lize lembulwe futhi licaciswe kubantu_uNkulunkulu, uNkulunkulu umninimandla, embozwe enyameni yomuntu, iZwi. Qaphelani. Manje, sithola ukuthi Lalifihliwe kongakholwayo, kodwa lembulwa kokholwayo. Qaphelani. UMose wayefanele angene yedwa kuleNsika yoMlilo; akekho owayengahamba naye. Kwakungesikho^Kwa^Kukhuluma ukuthini lokho kithi na? Ukuthi awungeni kulokhu ngokujoyina iqembu lamaPentecostal. Niyabona na? Akazange aLembule eqenjini; Walembula kumuntu ngamunye. Futhi kungaleyondlela namhlanje. Wena uthi, “Ngisonta e_ebandleni, ngi_ngisonta kulokhu.” Kodwa lokho ngeke kusebenze. Niyabona na? Futhi nayinoma ngubani ukuba

18

IZWI ELIKHULUNYIWE

azame ukulandela uMose, ukukulingisa kwakungukufa. Futhi kunjalo nanamhlanje, ukufa kokomoya ukuzama ukulingisa. Yilokho oku^ Kulobubusuku singena ekuvukeni phakathi kwamaqembu, ukuqhathanisa kwenyama_othile azame ukwenza njengakho futhi aphile impilo ehlukile: engaphuza; engabhema; abesifazane bangaphila nayikanjani_kakhulu noma ngayiphi indlela abayifunayo, futhi njengezwe; futhi bahlale ekhaya babuke ithelevishini, ne_nezinto zezwe, futhi bebe besalokhu bezibiza ngamaPentecostal. Bazama ukulingisa into yangokoqobo. Akukembulwa neze kubo kuze kube manje. Nxa seLembuliwe, kunenkazimulo futhi ikhona into ekususayo lokho kuwe uma uhamba ungene lapho. Uba yiveli. Ku_ku_ kungeke nje kusebenze. Futhi ukukulingisa kwakungukufa. UMose emboziwe, wayeyiZwi eliphilayo kubantu. Futhi namhlanje, abantu abemboziwe bayinto efanayo; bayizincwadi ezilotshiweyo, ezifundwa ngumuntu wonke, hhayi incwadi entsha, kodwa incwadi elotshiweyo, yabonakaliswa. Yi_yilabo abakholwa yiZwi nesethembiso salolusuku uNkulunkulu athulula khona uMoya waKhe phezu kwayo yonke inyama; futhi lokho yizincwadi ezilotshiwe. Futhi nxa umuntu ezama ukulingisa lokho ngokwenyama, kuqhuma ngemuva. Impilo yakho iyakhombisa ukuthi uyini. Ngesinye isikhathi kwakukhona umfana; wayengene enkathazweni ethize. Wayengu_ngumfana olungileyo, kodwa wa_waya enkantolo; nomahluleli wathi, “Ngikuthola unecala. Ngifanele ngikujezise ngokudilikelwa yijele.” Wathi, “Ngifuna ukuzihlolela icala lami.” Wathi, “Ngifuna ukuzibhekela irekhode lami.” Wathi, “Awunarekhode. Irekhode lakho yilokho okukulahlile.” Futhi kungaleyondlela namhlanje. Isizathu sokuba ibandla lingaqhubeki njengokuba lifanele, yirekhode, ngamanga. Sifanele sibe ngabazinikele kakhulu. Sifanele silikholwe lonke iZwi likaNkulunkulu. Sifanele sifune lize leloZwi lenziwe libe yilo ngempela kithina. Niyabo? Irekhode yilokho okusenza singangeni. Kodwa ngesinye isikhathi (ukukukhipha kulesisihibe) kuyo yona lenkantolo, umfana wayengenamali. Wayengenakulihlawula. Inhlawulo yayile ezinkulungwaneni zamadola. Kodwa wayenomfowabo omkhulu owafike walihlawulela yena. Manje, sinoMfowethu omkhulu, uJesu, iNdodana kaNkulunkulu; futhi Ufika ukuzolihlawulela thina, uma nje sizokukholwa futhi sikwazi ukungena evelini kanye naYe. Njengoba enguMose wethu_uJesu unguMose wethu

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

19

wanamhlanje; uMose emboziwe wayeyiZwi eliphilayo kubantu. Namhlanje, uJesu emboziwe uyiZwi eliPhilayo kubantu aba^ UJesu eBandleni. UMoya oNgcwele, iNdodana kaNkulunkulu, kubantu, embula iZwi ngesethembiso sanamhlanje, kukwenza kube yikho impela nje. Kuyafana manje! Futhi khumbulani, uMose wakwenza lokhu futhi wakubonakalisa lokhu, kungesikho kulolonke izwe, kodwa kubantu bophumo_uhlobo olulodwa nje lwabantu. Lolo kwakuyilabo abaphuma o_ophumweni. Futhi namhlanje, uMoya oNgcwele, ebusweni babantu othi, “Ukuphulukisa kukaNkulunkulu akulungile!”^ Ngenkathi ngithintana^ Udokotela wangibiza ngeliny’ilanga ngenenekazi elincane^O, sekubekhona izehlo ezine noma ezinhlanu lapho, nje sebegulela ukufa, ebanika amahora, futhi uMoya oNgcwele wabaphulukisa. Udokotela wayekubuza; wathi, “Kungenzeka kanjani lokhu na? Ngani,” wathi, “Ngi_ngi^ Leso isiguli sami.” Ngathi, “Kwakuyiso, kodwa manje bekungesikaNkulunkulu. Si_si_singaphansi kwaKhe manje.” Niyabo? Futhi ngakho, niyabo ukuthi kuyintoni, ukuthi uNkulunkulu ubiza uphumo ukuba kuphunywe emva kwekhethini lenyama ozama ukulingisa, ozama ukujoyina ibandla, kungesiyo iMethodisti, iBaptisti, iPresbyterian impela, kodwa amabandla amaPentecostal. Kuludaba lomuntu ngayedwa; nguwe noNkulunkulu. Ufanele ungene, hhayi iqembu lakho, hhayi ibandla lakho, hhayi umfundisi wakho, kodwa nguwe ofanele ungene. Ngifuna niqaphele esinye isimilo sikaMose. Ngenkathi ephuma, nokho engumprofethi, engumuntu omkhulu ayenguye, ngenkathi ephuma neZwi, abantu babona ukuthi wayeseguquliwe. Kukhona okwase kwenzeke kuye. Ngenkathi ephuma neZwi eliqinisekisiweyo lalelohora, Imiyalo, wayesengumuntu oguquliwe. Kanjalo nawe uyoba njalo nxa uphuma emva kwaleloveli lobuntu elingawuhleka umhlangano onjenga lo, lowomuntu okhubekayo ekuphulukiseni kukaNkulunkulu, futhi athi, “Izinsuku zezimangaliso selwedlule.” Uyaqathaka emva kwaleloveli lobuntu lapho, iveli lamasiko, futhi wonke umuntu uzokwazi ukuthi kukhona okwenzeke kuwe. NjengoMfowethu ohloniphekileyo uJim Brown, sengathi ngiyabona iningi lamaPresbyterian noma_liyazi ukuthi kukhona okwenzekile kuye, ngoba u_uphuma emva kweveli lamasiko. Wabona okuthize kubantu abamkhangayo, futhi waphuma emva kweveli. Yebo, wena^Nxa uphuma emva

20

IZWI ELIKHULUNYIWE

kweveli, uyoba sobala ngokugcwele kubantu ngaleyonkathi, ukuthi bakwazi ukubona ukuthi kukhona okwenzekile kuwe. IZwi elimboziwe kongakholwayo, kodwa lisobala ngokugcwele kokholwayo: uJesu Kristu, onguye izolo, namuhla, naphakade. Khona-ke kwakunguNkulunkulu^Ngalezozinsuku kwakunguNkulunkulu kumuntu, iNdodana yaKhe, uJesu Kristu. Siyakukholwa lokho. Hhayi nje umprofethi, hhayi nje indoda ejwayelekile, umuntu ojwayelekile, KwakunguNkulunkulu ekuKristu, uNkulunkulu, esendodeni, ukugcwala kobuNkulunkulu ngokomzimba esendodeni. UNkulunkulu, endodeni; manje, nguNkulunkulu emadodeni. Niyabo? Ukugcwala kukaNkulunkulu ebuNkulunkulwini ngokomzimba eBandleni laKhe lonke, Ezibonakalisa, egcwalisa iZwi laKhe. Manje, siyathola, uNkulunkulu, yonke iminyaka, ubenesikhumba kuYe. UNkulunkulu ubefihlakele emva kweveli. Nje kungikhumbuza nge_ngendatshana eyenzeka ezansi eNingizimu. Futhi kanjalo, kwakukhona ikhaya lamaKristu. Futhi leli_kulelikhaya lamaKristu babemkholwa uNkulunkulu, futhi ba_babecabanga ukuthi_ukuthi uNkulunkulu wayebavikela kuzo zonke izinkathazo; futhi Uyakwenza. Futhi babenoJunior omncane (umfanyana othi akabe neminyaka eyisikhombisa noma eyisishiyagalombili ubudala), futhi_futhi waya kuSonto sikole futhi wayengumfana omncane omuhle kabi; kodwa wayesaba esiphephweni, ikakhulu uma umbani wawubaneka. Futhi ngakuxoxela indoda lokhu ngeliny’ilanga, ngenkathi lesisiqephu sasiphumile mayelana nalendoda ngokuba iphulukisiwe, yena lomfundisi wathi, “Bakwenza unkulunkulu, Mfowethu Branham.” Yebo, wayengumsoli, ngakho ngacabanga ukuthi ngizovele nje ngidedele_ngithi nje ukuthi ukukwephula kancanyana, kungabi ukulimaza, niyazi, kodwa nje ukuthi^Ngathi, “Ngabe lokho kukude kakhulu yini nomBhalo ukuba kube njalo na?” Niyabo? Ngathi, “Qha, akukude.” Ngathi, “Ngoba uJesu wabiza abaprofethi ngonkulunkulu.” Niyabo? Kunjalo. UNkulunkulu^ Futhi bathi, “Yebo, ninabantu nizama ukuthatha indawo kaNkulunkulu.” Lokho akuqhelile kakhulu; kuyilokho ngempela. Kuyikho ngempela! UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, njengoba Ethembisa nje. Lomndeni omncane, sithola ukuthi^Ngamxoxela ngalendatshana (futhi efika emqondweni wami njengamanje), ukuthi ngobunye ubusuku kuqubuka isiphepho, noMama wathi kuJunior, wathi, “Manje, khuphukela esitezi, Ndodana, futhi uye embhedeni.”

21

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

Wathi, “Ma, ngiyesaba.” Wathi^ “Akukho embhedeni.”

lutho

oluzokulimaza.

Khuphuka

bese

uya

UJunior omncane walala phezulu lapho, nombani ubaneka emafasiteleni, nomfo omncane washaywa wuvalo kakhulu. Wayelithi ne ikhanda lakhe phansi kwekhava, futhi wayelokhu esawuzwa u_umbani_noma ewubona umbani ubaneka emafasiteleni, futhi_futhi elizwa izulu liduma; ngakho wathi, “Mama!” Futhi wathi, “Ufunani, Junior na?” Wathi, “Khuphuka uze lapha ulale kanye nami!” Ngakho uyakhuphuka ngezitebhiso, njengoba kungenza noma yimuphi olungileyo, umama owethembekile; futhi wakhuphuka, wayesemthatha uJunior omncane ngezingalo zakhe, wayesethi, “Junior, uMama ufisa ukukhuluma nawe umzuzwana nje.” Wathi, “Kulungile, Mama.” Wathi, “Manje, ufanele ukhumbule lokhu. Siya njalo esontweni; sifunda iBhayibheli; siyakhuleka; singumndeni ongamaKristu; sikholwa kuNkulunkulu.” futhi wathi, “Sikholwa ukuthi eziphephweni nanokuthi noma kwenzekani, uNkulunkulu uyisivikelo sethu.” Wathi, “Mama, ngikukholwa konke nokuncu kwalokho, kodwa,” wathi, “uma lowombani ususeduzane kakhulu,” wathi, “Ngi_ngifuna uNkulunkulu onesikhumba kuLo.” Ngakho ngi_ngicabanga, akusuye uJunior kuphela, kodwa thina sonke sizwa ngaleyondlela. Nxa sihlangana ndawonye, nxa sikhulekelana^UNkulunkulu onesikhumba kuLo. Futhi siyathola lapha ukuthi uNkulunkulu ubehlala njalo enesikhumba kuYe. Ngenkathi uMose eMbonile, Wayenesikhumba kuYe; Wayebukeka njengomuntu. Ngenkathi uNkulunkulu esemva kwamakhethini, Wayenesikhumba kuYe. Futhi uNkulunkulu, kulobubusuku, eBandleni laKhe wemboziwe eBandleni laKhe ngesikhumba kuYe. UsenguNkulunkulu ofanayo kulobubusuku. Siyakuthola lokho. Kodwa manje, njenganininini, iveli lesikhumba yilo elibamba amasiko. Abakwazi nje ukukholwa ukuthi lowo nguNkulunkulu enza labobantu baziphathe kanjalo. Niyabo? Yingoba uNkulunkulu uzemboze eBandleni laKhe, esikhumbeni_isikhumba kuLo. Kunjalo. Ufihlakele kongakholwayo, futhi wembula kokholwayo. Yebo, mnumzane!

22

IZWI ELIKHULUNYIWE

Manje, nxa iveli labo lesiko la_la_lamasiko amalunga neZwi kugqojoziwe (o, kusobala, namhlanje), bese lihlala obala, siyaMbona, ubuNkulunkulu futhi bumbozwe enyameni yomuntu. AmaHeberu 1 asho njalo, noGenesisi 18 futhi. Niyakhumbula uNkulunkulu wayengumuntu, emi lapho edla futhi ekhuluma noAbrahama, futhi wakusho okwakwenziwa nguSara ethendeni emva kwaLo. NoJesu wathi, “Njengokuba kwenzeka emihleni yase Sodoma, kuyakuba-njalo ekufikeni kweNdodana yomuntu,” ubuNkulunkulu bumboziwe futhi enyameni yomuntu. Manje khumbulani, uJesu akashongo ukuthi, “Lapho iNdodana kaNkulunkulu yembulwa.” KuLuka isahluko 17, ngiyakholwa, futhi cishe elama 20, ivesi lama 21, kulezondawo nje; Wathi, “Futhi lapho iNdodana yomuntu yembulwa,” iNdodana yomuntu ibuyela e_e_eBandleni futhi, yembulwa ezidalweni ezingabantu, hhayi iNdodana kaNkulunkulu, kodwa iNdodana yomuntu futhi, ibuyela eBandleni laYo futhi ngezinsuku zokugcina. Sithola ukuthi Yakwethembisa lokho ezethembisweni zikaNkulunkulu. Siqaphela enye into. ETestamenteni eliDala (nginomBhalo lapha kuEksodusi) ukuthi izikhumba ezindala zamatahasi^ Senzani na? Safihla inkazimulo kaNkulunkulu kubantu_ izikhumba zamatahasi^Isizathu abantu bengakwazanga ukuLibona, ngoba kwakuyisikhumba esasiLibambile^ Isikhumba sasi^Inkazimulo kaNkulunkulu yayingemva kwesikhumba. Futhi manje, inkazimulo kaNkulunkulu isemva kwesikhumba sakho (kunjalo!), namasiko awakuboni. Kungaphakathi kweveli lapho iZwi laKhe lalikhona. Kwakukhonani ngaphakathi kwalezozikhumba, emuva lapho, izikhumba ezindala zamatahasi, ezazingenabuhle ukuba siLifise na? Futhi ngenkathi Lenziwa inyama futhi lakha phakathi kwethu, Laliseyilokhu lingenabuhle ukuba siLifise. Futhi manje, into efanayo inamhlanje. Akukho lutho kowesilisa noma owesifazane olungafiswa, kepha yilokho okungemuva lapho. Kuyilokho-ke. “Yebo,” wena uthi, “lowomfo ngiyamazi wayevamise ukuba yisidakwa. Wayevamise ukwenza lokhu.” Anginandaba ukuthi wayevamise ukwenzani. Yini efihlwe emva kwalesosikhumba na? Yini esemva kwalapho na? Yilokho okusemqoka, yilokho oku^Abantu uphuphuthekile; isikhumba siphuphuthekisa abantu. Niyabo? Bathi, “Ngiyamkhumbula lowaya wesifazane wayevamise uku^” Ngiyazi ukuthi wayevamise ukwenzani, kodwa uthini ngokwamanje na? Niyabo? Uma lezozikhumba esake saba setahasini, kodwa manje, sifihla inkazimulo kaNkulunkulu, ingeniswe emva kwaso. Yayisesilwaneni, kodwa manje, ingenisa inkazimulo kaNkulunkulu.

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

Futhi kanjalo isikhumba sakho kulobubusuku, ukuba senziwe indawo kaNkulunkulu, uNkulunkulu akhe esintwini.

23

singaguqulwa yokungenisa

Bukani, izikhumba ezindala zamatahasi, sithola ukuthi emva kwaso kwaku_ngaphakathi kwalapho kwakuyiZwi. NeZwi^Kwakukhona futhi isinkwa sokubukwa. Umphongolo wawufafazwa. Futhi kwakuyini na? Inkazimulo yeShekina yayiphakathi lapho. Manje, iZwi liyiMbewu, futhi Ingeke yathela ize i_Ishaywe yilanga. Ilanga lifanele libe phezu kwembewu ukuyenza ithele, ukuyenza ivele. Futhi yileyondlela kuphela othatha ngayo iZwi. Niyabo? Thatha iZwi likaNkulunkulu lingene enhliziyweni yakho bese uhamba ungene enkazimulweni yeShekina. Futhi uma ukwenza, kuyoletha imana yesinkwa sokubukwa esinikwa kuphela abantu abehlukanisiwe. Into kuphela engasidla, evunyelwe ukusidla, ngabantu nje abavunyelwe futhi osaziyo. UPawulu wathi lapha, “Siguquka sisuka enkazimulweni siye enkazimulweni.” Niyabo? Ekugcineni kufika kweyakho_ kubuyela enkazimulweni yakho yokuqala. Kunjengembewu nje yenkazimulo yasekuseni. Imbewu yembali, iwela emhlabathini. Inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini. Yini into yokuqala na? Iyamila, futhi kuyiklume elincane; bese iya entshakazeni. Bese kuthi kusukela entshakazeni ibuyela emuva ohlamvini lwayo lokuqala. Yebo, yilokho impela iBandla elikwenzile. Liphuma kuLuther, uWesley, futhi manje, libuyela emuva ohlamvini lokuqala, libuyela enkazimulweni yaLo yokuqala, libuyela emuva enkazimulweni Elaliyiyo ekuqaleni. Ilanga elaphuma eMpumalanga liyilanga elifanayo elibonakalisa into efanayo eNtshonalanga, liguquka lisuka enkazimulweni liya enkazimulweni. Laguquka lisuka ebuhedenini langena phansi kuLuther, futhi kusuka kuLuther lehla layongena kuWesley, futhi ukusuka kuWesley laphuma layongena ePentekoste, futhi kuqhubeke njalo njalo, liguquka lisuka enkazimulweni liye enkazimulweni, liveza imana efihliwe. Futhi manje, seliyavuthwa ukuMbuyisa nse njengoba Wayenjalo ekuqaleni, inkonzo yaKhe efanayo, uJesu ofanayo, amandla afanayo, uMoya oNgcwele ofanayo. Yena Lowo ofanayo owehla ngosuku lwePentekoste nguMoya oNgcwele ofanayo obonakaliswa namhlanje, ukusuka enkazimulweni, kuya enkazimulweni, kuya enkazimulweni, kubuyela emuva embewini yakho yokuqala ngomBhaphathizo kaMoya oNgcwele, ngezibonakaliso ezifanayo, izimangaliso ezifanayo, umbhaphathizo ofanayo, uhlobo olufanayo lwabantu lwenza

24

IZWI ELIKHULUNYIWE

ngendlela efanayo, namandla afanayo, ivuso elifanayo. Kungukusuka enkazimulweni kuya enkazimulweni. Futhi okulandelayo kuyoguqulwa kusuka kulenkazimulo kungene emzimbeni njengoMzimba waKhe uqobo okhazimulisiweyo lapho esiyoMbona khona. UAbrahama wabona okufanayo. Manje, qaphelani. Siyabona ukuthi kwaguqulwa kanjani. Kusukela eKhalvari siyamenywa ukuba sabelane inkazimulo yaKhe. Manje, kwabaseKorinte I 12, “Sibhaphathizelwe eMzimbeni waKhe.” NgaMoya munye thina sonke sibhaphathiziwe, hhayi ngamanzi manye, Moya munye thina sonke sibhaphathiziwe. Kunjalo. Manje. Bese-ke, siba yingxenye yaKhe. (Ngethemba ukuthi anginihlalisi isikhathi eside kakhulu. Niyabo? Ngiyethemba anginjalo.) Kodwa nje kunjengokukhulu ukuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni okudlala_noma okudlala umdlalo wasesiteji. Angazi kakhulu kangako ngokuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni noma umdlalo wasesiteji, kodwa ngangibuka lomdlalo, engangikhuluma ngawo, iCarmen, ngenkathi indodakazi yami nabanye ekuwo. Futhi ba_futhi babedlala kulokhu ukuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni, kwiCarmen. Babedlala^Umculo wa_wa_wawudlala into efanayo. Kungaleyondlela uma ubhaphathizwe ngoMoya oNgcwele kuKristu. Manje niyabo, iningi lenu lifundile noma layizwa indaba yomqambi omkhulu oyiRashiya owaqamba uPeter and the Wolf. Nokuthi kanjani wa_bayakudlala lokho ngemifanekiso nakho konke. Futhi noma ubani oyaziyo indaba, lokho kufundwa ephepheni, futhi ungakuzwa lokho kuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni, ukuthi kudlalwa kanjani lokho, umdlalo wasesiteji, ukuwudlala, ngani, bazi konke ukuguquka. Bangabuka lapha babone ukuguquka. Kodwa manje, kwenzekani uma u_uma umqambi ebhala okuthize, futhi sithole ukuthi awudlalwa nje kahle na? Siyathola-ke ukuthi kukhona okwenzekayo; kukhona okusileleyo. Nxa sibabona^Lo owawuqambayo u_wawenza wawubhala, bese-ke, ukuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni kuyawudlala, kushaye inothi okungesilo; kukhona okuliphutha. Umbhidi unyakaze ngephutha. Niyabo? Futhi yileyondaba namhlanje, bazalwane bami beLuthela, bazalwane bami beBaptisti, bazalwane bami bePentecostal, bonke abazalwane bami bakuwo onke amahlelo ehlukene; kuyilokho-ke. Niyabo? Nizama ukunikeza inothi elishaya emuva ezinsukwini zikaLuther, noma uWesley, kanjalo, kanti_eqinisweni iShadi loMculo lapha liyakhombisa ukuthi sekungolunye usuku. Niyabo, niyabona na? Singeke saphila ekukhanyeni kukaLuther; wayengumguquli. Siyasibonga

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

25

isigaba sakhe_sakhe, kodwa sikudlale sakuqeda lokho. Sesikude ngapha kwingemuva leNcwadi manje. Niyabo? Singeke_singeke sawudlala kanjalo. Manje, indlela kuphela eniyoze nikwazi ngayo ukukwenza, bazalwane bami, yile^Nani bazalwane basezweni (basezingxenyeni ezehlukene zezwe, ngingasho njalo), yinye kuphela indlela yalowo_yalowombhidi yokuba ayenze. Ufanele angene emoyeni ofanayo umqambi ayekuwo, khona-ke useyitholile. Futhi nxa iBandla, ukuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni ngokwakho (lapho izwe libheke lezizibonakaliso nezimangaliso), nxa iBandla, noMqambi, nombhidi bonke bengena eMoyeni woMqambi, khona nxa bethi, “Izinsuku zezimangaliso selwedlule,” akushayi inothi eliyilo. Kodwa nxa lingena kahle endaweni yalo nomoya oyiwo walo^Uzokwenza kanjani aze uMoya ehle EVELA kuMqambi na? Ameni! Khona nxa uthi, “Izinsuku zezimangaliso azedlulanga neze,” ukuvumelana kwamaphimbo ekuhlabeleleni kumemeza kakhulu, “AMENI!” Nxa sishaya, sithi, “UJesu, unguye izolo, namuhla, naphakade,” ukuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni kumemeza kakhulu, “AMENI!” “Niyomukela amandla emva kwalokhu uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu”; ukuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni kuyamemeza, “AMENI! ngiwutholile.” Akusesiwo umqagelo ngawo ngalesosikhathi; konke ukuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni kuzwana kahle neZwi. Kuvele kuthi [UMfowethu Branham ushaya ihlombe ukukhombisa ukuhamba okuqhubekayo noma ukunyakaza_Umhl.] Yilokho-ke. O, kuyinto enhle kakhulu. Umbhidi noMqambi bafanele babeseMoyeni ofanayo, futhi kanjalo nezazi zomculo zifanele zibe seMoyeni ofanayo ukukudlala konke. Nezwe liyamangala ukuthi kwenzekani. Ubukhomanisi, bakhuluma nge_futhi bangicasulile ngakho_nakho konke lokhu ukuhlanganiswa, nakho konke okunye, nobandlululo^O, bakithi! Okunje_wonke lombhedo; lapho ukufika kweNkosi sekufikile! Kukhona okushaya ngokungesikho, ngiyesaba ukuthi ababhidi bane_ababhidi baphumile eMoyeni woMqambi. Nxa sithola lowoMoya woMqambi, lawomandla okuqala kaNkulunkulu (ukuthi iBhayibheli lathi umuntu wasendulo waholwa nguMoya oNgcwele ukubhala leliBhayibheli), uzozibona lezoziqephu ezimbili zeShayina zizohlangana ndawonye njengeBhayibheli likaNkulunkulu nje nekholwa lizohlangana ndawonye; ngoba bobabili baseMoyeni ofanayo; bobabili bayinto efanayo. Bahlangana ndawonye thaqa okwesisila sejuba.

26

IZWI ELIKHULUNYIWE

Esikudingayo namhlanje ababhidi. Kunjalo. Kubuyelwe eZwini. Kubuywe futhi Likholwe njengoba Lasho nje. Khona-ke ubona uNkulunkulu, qobo lwaKhe; lokho kungukwembulwa; umdlalo wasesiteji wenziwe waba yiwo ngempela. Namhlanje bathi, “Yebo, UnguNkulunkulu womlando. Siyazi Wanqamula oLwandle oluBomvu. Wenza konke lokhu, futhi Wayesesi_sithandweni somlilo nabantwana bamaHeberu.” Usizani uNkulunkulu womlando, uma E_uma Engafani nanamhlanje na? Umuntu njalo njalo udumisa uNkulunkulu ngalokho Akwenzayo, ecabanga ngalokho Ayokwenza, futhi angakunaki Akwenzayo. Lokho nje kukumuntu ukwenza lokho, futhi kuyinto efanayo namhlanje, bazalwane bami; kuyinto efanayo impela. O he! Ake sibuyele emuva futhi sidlalise kahle ukuvumelana kwamaphimbo nezinsimbi ekuhlabeleleni, lapho izwe lingabona khona. UJesu wathi, “Uma Ngiphakanyiswa kulomhlaba, Ngiyakubadonsela kiMi bonke.” Futhi Unguye izolo, namuhla, naphakade. Ababhidi mabangene eMoyeni oyiwo kanye nosiyazi bezomculo futhi kanye noMqambi, konke kuzobakahle. Khona-ke si_akukho-mqagelo mayelana nawo, sibandakanywa kanye naYe-ke. AmaHeberu 13:8 athi, “Unguye izolo, namuhla, naphakade.” Sibandakanywa kanye naYe eZenzweni 2. Sibandakanywa kanye nabo, ngombhaphathizo ofanayo, into efanayo. Konke Ayeyikho ngaleyonkathi, nakho konke Ayikho, konke Ayeyikho, nakho konke Ayikho, siyikho. Kunjalo impela. Njenga nje, uma ngifuna ukuba ngumMelika weqiniso, ngifanele ngibandakanywe nakho konke eyayiyikho, konke eyikho. Ngifanele ngibandakanywe kanye nayo, uma ngingumMelika weqiniso. Uma ngingumMelika weqiniso, khona-ke ngehlela ePlymouth Rock. Ameni! Ngakwenza, uma ngingumMelika. Wenzenjalo nawe; wehlela ePlymouth Rock nobaba abayizihambi. EPlymouth Rock, ngenkathi bephuma behlela lapho, ngangikanye nabo; wawunjalo nawe, wonke umuntu. Ngagibela noPaul Revere khona ezansi nomgwaqo ukwexwayisa ngengozi. Kunjalo impela. Khona ezansi lapha eValley Forge, nganqamula iDelaware eno ayisi nesigejane samasosha angxenye yawo yayingagqoke-zicathulo. Ngakhuleka ubusuku bonke noGeorge Washington phambili. Nganqamula iDelaware nginombono enhliziyweni yami. SingamamMelika. Yebo, mnumzane! EValley Forge, impela ngakwenza. Ngabonga kanye nobaba bokuBonga bakuqala; ngabonga kuNkulunkulu. Uma ngingumMelika wangempela,

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

27

ngabandakanywa lapho kulelotafula. Uma ngingumMelika wangempela, ngabandakanywa ngenkathi ngimi noStonewall Jackson. Uma ngingumMelika wangempela, ngabandakanywa eBoston Tea Party (yebo, mnumzane!) ngenkathi senqaba ukuba siluthwe. Ngenkathi_ngangingumMelika wangempela, ngabandakanywa lapho kanye nalokho. Yebo, mnumzane! O, he! Ngashaya iNsimbi yeNkululeko ngolokuqala luka Julayi 4 ngo 1776. Ngashaya iNsimbi yeNkululeko lapha futhi ngamemezela ukuthi sesiyazibusa. Ukuze ngibe ngumMelika wangempela ngangifanele ngikwenze. Ngabandakanywa kanye nehlazo layo kuMbhedukazwe, ngenkathi umfowabo elwa no^Ngafanele ngilithwale ihlazo layo ngokufanayo njengoba nje ngifanele ngithwale udumo lwayo. Uma ngingumMelika, ngifanele. Ngabandakanywa kanye nayo. Yebo, mnumzane! Ngabandakanywa eGettysburg ezansi lapho, ngenkathi uLincoln enza inkulumo yakhe. Yebo, mnumzane! NgangiseWake Island, phezu kwalowomzimba wesosha owawunegazi. Ngavuka eWake Island. EGuam, ngasiza ukuphakamisa lelofulege. NgingumMelika wangempela. Ameni! Konke eyikho, ngiyikho, futhi ngiyaziqhenya ngakho. Yebo, impela! Konke iMelika ebiyikho, konke eyikho, ngiseyilokho ukuba ngibe ngumMelika. Konke eyayiyikho, ngifanele ngibe yikho, ngoba ngibandakanywa kanye nayo. Into efanayo ngokuba ngumKristu weqiniso. Ufanele ubandakanywe kanye nakho. Ngashumayela noMose nempi^ noma noNowa futhi ngexwayisa abantu ngokwehlulelwa okuzayo, ngokuba ngumKristu weqiniso. NganginoMose esihlahleni esivuthayo; ngabona iNsika yoMlilo; ngabona inkazimulo yaKhe. NganginoMose phezulu lapho ehlane. Ukuba ngumKristu, ngifanele ngibandakanywe nezinto zonke uNkulunkulu ayeyizo, ukuba ngumKristu. Ngiyibonile inkazimulo yaKhe; ngalizwa iphimbo laKhe. Ungazami ukukuchaza ukudedise kimi manje, ngoba ngangilapho. Ngiyazi ukuthi ngikhuluma ngani. Ngibonile ukuthi kwenzekeni. Yebo, mnumzane! NgangisoLwandle oluBomvu ngenkathi ngibone uMoya kaNkulunkulu wehlela phansi futhi wehlukanisa amanzi esuka ngakwelinye icala, hhayi ngokudabula esixhekeni somhlanga, abazama ukukusho namhlanje, kodwa ngokudabula cishe olwandle olungamafidi angamashumi ayisishiyagalolunye. Ngiwubonile uMoya kaNkulunkulu. Ngahamba noMose sidabula kulowomhlabathi owomileyo, ngaphesheya kwaloloLwandle oluBomvu. Ngama ngaseNtabeni iSinayi futhi ngawubona umdumo nombani uwa. Ngidla imana nabo phandle lapho. Ngaphuza kuleloDwala; ngisakwenza nakulobubusuku. Ngabandakanywa kanye nabadli-mana. Ngabandakanywa kanye nabo abaphuza edwaleni.

28

IZWI ELIKHULUNYIWE

Futhi ngabandakanywa ngenkathi uJoshuwa ebetha icilongo nezindonga zaseJerikho zawela phansi. Ngangisemphandwini wezingonyama noDaniyeli. Ngangisesithandweni somlilo nabantwana bamaHeberu. Nganginentaba_noElija eNtabeni iKameli. NganginoJohane umBhaphathizi naphambi kwalabobasoli. Ngawubona uMoya kaNkulunkulu wehla; ngalizwa iphimbo likaNkulunkulu lithi, “Lo uyiNdodana yaMi ethandekayo eNgithokozile ukuhlala kuyo.” Yebo, mnumzane! impela ngabandakanywa kanye naye. Kunjalo impela. Ngabandakanywa lapho ethuneni likaLazaru ngenkathi Evusa uLazaru. Ngabandakanywa kanye nowesifazane emthonjeni ngenkathi Emtshela izono zakhe. Yebo, mnumzane! Impela ngabandakanywa kanye naYe ekufeni kwaKhe. Futhi ngabandakanywa ngePhasika lokuqala; ngavuka kanye naYe ekufeni. Ngizibandakanya kanye naYe ekufeni kwaKhe. Ngangine 120 eKamelweni eliPhezulu. Ngabandakanywa phezulu lapho kanye nabo. O, ngi_ngizizwa nginokholo. O, he! Ngabandakanywa lapho. Ngingomunye wabo. Ngabandakanywa; ngithole ulwazi olufanayo ababenalo. Ngangilapho ngenkathi kwenzeka, ukuba ngumKristu weqiniso. Ngakufakazela ukuvunguza komoya onamandla kufika. Ngakufakazela lokho. Ngawezwa amandla kaNkulunkulu lapho ezamazama. Nganginabo abakhuluma ngezilimi. Ngaluzwa ugcobo lungena lapho. Ngangikanye nabo. Ngabandakanywa kanye nabo ngenkathi uMoya oNgcwele uqala ukukhuluma ngezilimi nabo. Ngangikanye noPetru ngaphambi kwabasoli eZenzweni 2, ngenkathi eshumayela intshumayelo enkulu a^Ngabandakanywa naye. Yebo, mnumzane! EZenzweni 4, ngenkathi bebuthana ndawonye, ngangikanye nabo ngenkathi indlu izamazama. Emva komhlangano womkhuleko, indlu yazamazama lapho ababehlezi khona; ngabandakanywa lapho kanye nabo. Ngashumayela noPawulu eAreyophagu. Yebo, mnumzane! NganginoJohane esiQhingini sasePhatmose futhi ngakubona ukufika kwaKhe kwesibili. NganginoLuther eNguqukweni. NganginoWesley, lesosikhuni esephulwa emililweni, ngenkathi yokuvukela iSheshi okukhulu; ngangilapho kanye naye. Futhi ngilapha kulobubusuku ngo 1964, eFiladelfiya, ePennsylvania, ngizibandakanye kanye nohlobo leqembu elifanayo, nohlobo olufanayo lolwazi. Ngifanele ngibe njalo ukuba ngumKristu. Ngifanele ngihlale ngibandakanywe lapho iZwi likaNkulunkulu libonakaliswa khona. Ngizibandakanya kanye neqembu elizwa uMoya kaNkulunkulu. Ngibandakanywa kanye neqembu elaziyo

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

29

ukuthi Wembuliwe, elaziyo ukuthi Unguye izolo, namuhla, naphakade, nelaziyo ukuthi lena akusiyo intshisekelo eyeqile; nguJesu Kristu onguye izolo, namuhla, naphakade. Ngizibandakanya kanye naleloqembu lapha kulobubusuku, nokho babizwa ngesigejane sabakholwa okuphambene nokukholwa okuyikho, nokho isigejane sentshisekelo eyeqile ngenxa yeZwi likaNkulunkulu. Kodwa anginamahloni ngeVangeli likaJesu Kristu, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso kulabo. Ngikanye nabo, izincwadi eziphilayo engikhulume ngazo, abaqinisekisiweyo, uNkulunkulu embozwe esimweni somuntu kowesilisa nabesifazane. O, uNKulunkulu kwi en morphe yaKhe futhi Ezembulile futhi Wazazisa kubantu baKhe, iNkosi enkulu eyabeka eceleni inkazimulo yaYo. “Kuseyisikhashana nezwe ngeke liphinde lingiNgibone. Ngiyokwembozwa kubo, kodwa nina niyoNgibona; ngokuba Ngiyakuba nani, ngibe kini yonke indlela kuze kube sekupheleliseni. Eguquka esuka kuLuther kuya kuWesley, kuye kuqhubeke njalo njalo, ukusuka enkazimulweni kuya enkazimulweni, NgisenguNkulunkulu ofanayo o_ozobuyela enkazimulweni yakuqala.” Haleluya! Wephule onke amaveli ehlelo, yonke imisindo evimbezelayo. Lowomsindo othi, “O, lokho yintshisekelo eyeqile,” Wagqobhoza ngqo kulokho. Umsindo ovela lapho futhi wathi, “O, labobantu bayahlanya,” Wagqobhoza ngqo kuleloveli. Yebo, Wakwenza! “O, ningeke nakwenza. Anilutho kuphela isigejane sezintshisekelo ezeqile!” Wagqobhoza ngqo kulokho. “Ayikho into okuthiwa ukuphulukisa kwaphezulu.” Wakugqobhoza ngqo lokho (o, he!), ngokuba iZwi laKhe lathi Uyokwenza. Ungeke ulinqobe iZwi likaNkulunkulu. Futhi nango Emile, nokho kulobubusuku, uMnqobi onamandla, selokhu ephula yonke iMethodisti, iBaptisti, iPresbyterian, zonke ezinye izinhlobo zeveli. Usalokhu emi phakathi kwabantu baKhe kulobubusuku, enganqotshiwe ngamasiko. Abantu abasho abakufunayo, benze abafuna ukukwenza, noma yini abayifunayo; uNkulunkulu ufika egqobhoza ngqo lowomsindo ovimbezelayo. Futhi khumbulani, bangitshela ukuthi nxa indiza yephula lowomsindo ovimbezelayo akukho-mkhawuko ejubaneni layo. Futhi ngiyanitshela, nxa wephula lesosivimbezelo samasiko, ukuthi “UJesu wayekhona emuva le futhi Akekho manje,” nxa uthola ukuthi Unguye izolo, namuhla, naphakade, akukhomkhawuko kulokho uNkulunkulu angakwenza khona la kulengqungquthela, futhi akhombise kulelizwe ukuthi badingani; hhayi ezoBulungiswa boMhlaba, kodwa imvuselelo

30

IZWI ELIKHULUNYIWE

yezwe eliyogcwaliswa futhi libhaphathizwe bukaNkulunkulu oPhilayo: en morphe ngaphakathi enyameni yomuntu. Haleluya!

ngoBukhona Ezimbozele

Ngikholwa ukuthi kwephule zonke izivimbezelo, onke amaveli. Onke amaveli, akukho okungafihla uBukhona baKhe. Nxa abantu elamba enhliziyweni yabo, kukhona iveli eselilungele ukwephulwa; ungavele nje wethembele kulokho. Dabula onke amaveli ngoMoya oNgcwele waKhe omkhulu. Futhi lapha Umile kulobubusuku, uMnqobi onamandla; onguye izolo, namuhla, naphakade; ephulukisa abagulayo; ebhaphathiza abakholwayo, njengoba nje Wayehlala ekwenza. UnguMnqobi onamandla. Amademoni alahliweyo ayabaleka. Yebo, mnumzane! Ahlala njalo ebaleka nxa Yena ekhona. Sengivala, ngingasho lokhu. Kwakukhona i^Ngafunda indaba eminyakeni eminingi eyedlula ngomshayi-vayolini omdala. Futhi wayenevayolini endala, futhi wayezoyithengisa. (Niyifundile indaba izikhathi eziningi.) Futhi babefuna ukuyithengisela into ethize. Nomdayisi wasendalini wathi, “Ubani ozonginika ok’thize nok’thize na?” Futhi ngiyakholwa wethenjiswa izinhlamvu zemali ezimbalwa, mhlawumbe amashumi amahlanu amasente noma okuthize. “Yenyuka kanye, yenyuka kabili^” Emva kwesikhashana, indoda yasukuma ngemuva; yathi, “Umzuzu nje.” Yenyuka yayithatha. Ake sicabange ukuthi yadlala leli: Kukhona umthombo ogcwaliswe yigazi Elimuncwe emithanjeni ka Imanuweli; Nxa izoni, zibhukuda ngaphansi kwalelothantala, Kusuka onke amabala azo ecala: Kwase-ke, ngenkathi eseyibeka phansi, kwakungekho-so elalingenazo izinyembezi endaweni. Wayesethi-ke, “Ubani ozothembisa^” Omunye wathi, “Izinkulungwane ezinhlanu.” “Izinkulungwane ezilishumi.” Yayingenanani. Ngani na? I_inkosi endala yevayolini yase isembulile isimo sayo sempela. O, mfowethu, dadewethu, manje, makuthi iNkosi yaleliZwi eyaLilobayo, uMoya oNgcwele omkhulu, ashaye ngento yaKhe yokukhalisa ivayolini ngothando bese eyidonsa inqume kabili enhliziyweni yakho. Kukhona umthombo ogcwaliswe yigazi Elimuncwe emithanjeni ka Imanuweli^ Uzobubona ubuntengo obugcwele bese ubona uNkulunkulu owembuliweyo efika abe sobala impela, ukuthi

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

31

Uyafana nje njengoba Wayenjalo ngenkathi ehla ngosuku lwePentekoste phezu kwabantu, ngenkathi Yena ukenos qobo lwaKhe, ezithululela kubo ngqo. Kunjalo. Wena uthi, “Mfowethu Branham, ngizamile. Ngizamile. Ngenze lokhu, lokho, noma okunye.” Ngeliny’ilanga, nganginomhlangano eCarlsbad, eNew Mexico; futhi sengehla sangena kulomphandu omkhulu omdala wamalulwane phansi lapho; futhi kwakuthi akubukeke njengesipoki. Futhi sehlela lapho; futhi i_indoda, ngenkathi yehlela lapho kulendawo, ya_yanqamula ukukhanya. Futhi o he, ungazibonela ukuthi kwakumnyama kanjani! Nje ku_ kumnyama ngangokuthi ungaze ukuphathe. Futhi nje izikhathi sezithi azibe ngaleyondlela. Nxa sibona ibandla elehlulekayo ukuqonda iZwi likaNkulunkulu; nxa ubona ukuthi amadodakazi akithi aseZayoni enza ngendlela enza ngayo; nxa ubona abafowethu obhemayo, futhi aphuze, futhi_futhi akhulume amahlaya angcolile, nezinto, bebe besalokhu bezama ukubamba ukuvuma kwabo kuKristu (o, he!); kumnyama; kumnyama bhuqe. Sibona isibonakaliso sokuza kwaKhe. Kuyobakhona^ Kuhlala njalo kuba-mnyama kakhulu ngaphambi nje kwemini. Bese-ke iNkanyezi yoKusa iyaphuma ukubingelela imini, nokuyandulela futhi ikhombise ukuthi iyeza. Qaphelani! Phakathi lapho, ngenkathi becisha lokho, kwakukhona intombazanyana eyakhala yadazuluka. Futhi kwakukhona umfanyana owayemi ngakumkhaphi. Futhi wambona lowomkhaphi ngenkathi ecisha ukukhanya, kanjalo. Nalowodade omncane wayesezoba nokuquleka nje. Wayedazuluka egxuma phansi-na-phezulu, “O, yini ezokwenzeka elandelayo na? Yin’indaba na? Yin’indaba na?” Niyazi ukuthi wayedazulukelani na? Wathi, “Ungesabi, Dade omncane. Ukhona umuntu lapha ongakhanyisa.” Lalela, Dade omncane, ungahle ucabange ukuthi sibancane futhi sisedlanzaneni, kodwa ungesabi. Ukhona uMuntu lapha ongakhanyisa; lowo nguMoya oNgcwele. Niyakukholwa na? Asikhothamise amakhanda ethu okomzuzwana nje. Ngiyaxolisa ukunibambezela. O, Nkulunkulu omkhulu waseZulwini, Uzembula, Uzisombulula, Uzazisa Nkosi enkulu yeNkazimulo, thatha lokhu ukuchaza ngemifanekiso okuncane kulobubusuku futhi ukwenze kwehlele phansi ezinhliziyweni zabantu. Futhi sengathi singabona Lowo ombuliweyo, Lowo owehlayo wadabula iveli lethempeli, wase-ke, ephuma ngqo kuleloveli, wehla wangena ngqo emavelini abantu futhi ngosuku lwePentekoste, selokhu kufane njalo, kuguquka kusuka enkazimulweni kuya enkazimulweni. Futhi manje, sibuyela emuva ngqo njengoba yonke imvelo yenza, emuva ngqo embewini yokuqala, khona impela

32

IZWI ELIKHULUNYIWE

kusukela onyakeni webandla owodwa kuya komunye. Nakulonyaka wokugcina lapha, lapha sesibuyele emuva ngqo entweni yokuqala eyehla ngosuku lwePentekoste ukugcwalisa wonke umBhalo, ukuKhanya ngesikhathi sokuhlwa, ne, “Misebenzi eNgiyenzayo mina nani niyoba njalo,” nezinto eziningi kakhulu Owazethembisa eZwini laKho. Baba, uma ebakhona oyedwa lapha ongakaze agqobhoze leloveli namanje, noma uma ebakhona oyedwa lapha olingise omunye owedlule evelini, yipha umusa kulobubusuku, Baba. Sengathi bangambona lowoMnqobi onamandla emi lapha, egcwele umusa namandla ukuba athethelele. Siphe khona, Baba. Futhi amakhanda ethu esakhotheme, bangabakhona abanye lapha^? Bangaki (ake ngisho lokho) ongathi, “Mfowethu Branham, ngiphakamisa isandla sami. Ngikhulekele na?” Yiba nje ulokhu ukhothamise ikhanda lakho uphakamise isandla sakho. “Ngifuna ukugqobhoza onke amaveli ngize ngimbone ngempela uMnqobi.” UNkulunkulu anibusise. Wo_ezandleni! Phezulu kovulande abaphezulu kuya ngakwesokudla. UNkulunkulu anibusise. Ovulande abangaphezulu kuya ngemuva. UNkulunkulu anibusise. Yibani qotho ngempela. Ngakwesokunxele, phakamisa isandla sakho, uthi, “Mfowethu Branham, ngahle ukuba sengibe ngumKristu iminyaka, kodwa ngempela, angikaze ngiphume kuleloveli. Impela angikaze ngikwenze. Anginakho lokho, ababenakho ngaleyonkathi.” Namhlanje sinakho, “Ngiyisithombo esitshalwe embhedeni okhulisa masinyane.” Thatha imbali ekhuliswe embhedeni okhulisa masinyane, ufanele uyiphathise okwengane, uyitotose, uyifuthe, uyinisele; kodwa lesosithombo sokuqala esimila phandle laphaya ogwadule, uhlobo olufanayo lwembali, ebukeka njengayo; ayitholi namancu amanzi, kodwa akukho-zinambuzane kuyo. Imahlikihliki. Ingeyangempela^ Ubungabuqhathanisa ubuKristu kanye, ubuKristu namhlanje, nalokho obabuyikho ngaleyonkathi na? Ungathini nje leliqembu, esilibiza ngamaKristu namhlanje emhlabeni wonke, benjengalabo bangasemva kwePentekoste, bephathiswa okwezingane, futhi bembambathwa, futhi basuke kwelinye ibandla baye kwelinye, futhi basho into ongayithandi futhi basukume baphumele phandle na? Futhi o, ungathini ngalokho na? Qhabo! Yin’indaba na? Ngumfanekiso. UMichelangelo, owadala isithombe sikaMose^ Ungawuthola umfanekiso waleso oshibhe kabi, kodwa esokuqala^Lo owadweba iSidlo sakusihlwa seNkosi^ Ngiqagele lesosithombe sokuqala besingagijima ezigidini zamadola, ukuba ngisho ubungaze usithenge. Angazi ngisho nokuthi sikuphi. Kodwa ungathenga umfanekiso oshibhile waso cishe nge $1.98. Ungawuthenga.

UNKULUNKULU ONAMANDLA WEMBULWE PHAMBI KWETHU

33

Futhi kungaleyondlela namhlanje. UmKristu oshibhile, umfanekiso, umjoyini-bandla nje, ungabathenga baphume ngosikilidi, noma i_noma isiphuzo esejwayelekile. Noma ngowesifazane onezinwele ezigundiwe, izindebe ezipendiwe, ungamthenga nganoma yini ezimfashinini zezwe, kodwa ungeke umthinte lowo ongowoqobo. NgiMbona esobala ngokugcwele, onguye izolo, namuhla, naphakade. O, mKristu, awufuni yini ukuba ngumKristu wangempela na? Uma bekhona eningaziphakamisanga izandla zenu, ningakwenza sisa^Sengizokhuleka nje. UNkulunkulu akubusise. UNkulunkulu akubusise. O, lokho nje kuhle. Nje bukani i^ Baba wethu waseZulwini, iZwi laKho aliyikubuyela-ze kuWe. Waba nguwe Owenza isethembiso. Mina ngibophezeleke kuphela ekutheni Wakusho. Nje ngiphinda amazwi aKho. Wathi, “Ozwa iZwi laMi akholwe NgoNgithumileyo unokuPhila okuPhakade.” Wakwethembisa. Futhi, Nkosi, siyazi sinayo yona imifanekiso namhlanje, abaningi abathi bayakholwa lapho bengakholwa; kuyakhombisa. Kodwa, Nkosi, kukhona abanye abangaboqobo futhi. Ngikhulekela ukuthi Uzovele uphe phakathi lapha kulobubusuku ukuthi wonke owesilisa nowesifazane, umfana noma intombazane, akunandaba ukuthi basizwe sini, bambala muni, babandla lini^O, Nkulunkulu, bagcwalise. Sengathi bangabona ukubonakaliswa kwangempela kwalowoJesu ofanayo namhlanje khona phakathi kwethu, njengoba Wayenjalo ngosuku lwePentekoste ngenkathi Ezembulela lonyaka, enguMoya oNgcwele. Siphe khona. Sibona iZwi ligcwalisiwe, iziprofetho zifezeka, siyaqhathanisa namhlanje lokho okubizwa ngebandla lezwe_noma uMkhandlu wamaBandla oMhlaba, futhi siqhathanise lokho nesethembiso ngePentekoste; akukhokuqhathaniseka nhlobo. Singeke sawashela izingubo zethu ezingcolile ngalelothikithi. Kodwa, Nkosi Nkulunkulu, uma sizobuyela kulowoMthombo, kukhona ukuqhubeka okuhlanzayo. Khonake ulwazi lwethu neZwi likaNkulunkulu kuyofanelana; khonake singalibiza ifa lethu. Siphe khona, Nkosi, kulobubusuku, njengoba nginikela lababantu ezandleni zaKho. Yipha lowo nalowo lokho esikudingayo, Baba. Sicela eGameni likaJesu. Ameni. UNkulunkulu anibusise. Ngiyabonga kakhulu ngokuma, nilinde isikhathi eside, futhi ngiyaxolisa nginibambe kwaze kwaba yimizuzu elishumi emva kweleshumi. UNkulunkulu abe nani ngize nginibone ekuseni. Ngibuyisela inkonzo manje ku, ngiyethemba, kumphathi wohlelo. `

34

IZWI ELIKHULUNYIWE

UNkulunkulu Onamandla Wembulwe Phambi Kwethu, Vol. 6 No. 8 (The Mighty God Unveiled Before Us, Vol. 3 No. 22) LoMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwa ngesiNgisi uMsombuluko kusihlwa, ngo Juni 29, ngo 1964, eBellevueStratford Hotel, ePhiladelphia, ePennsylvania, U.S.A., wathathelwa kwisiqophamazwi sikazibuthe futhi washicilelwa ngesiNgisi ungafinqiwe. Lokhu ukuhunyushwa ngesiZulu kwakhishwa ngo 1995 ngabe:

VOICE OF GOD RECORDINGS P.O. Box 950, Jeffersonville, Indiana 47131 U.S.A.

J ust O ne M ore T ime , L ord

1

Copyright notice All rights reserved. This book may be printed on a home printer for personal use or to be given out, free of charge, as a tool to spread the Gospel of Jesus Christ. This book cannot be sold, reproduced on a large scale, posted on any website other than www.branham.org, stored in a retrieval system, translated into other languages, or used for soliciting funds without the express written permission of Voice Of God Recordings®. For more information or for other available material, please contact:

Voice Of God Recordings

P.O. Box 950, Jeffersonville, Indiana 47131 U.S.A. www.branham.org